Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo sokuphika nokwenqaba ukwamukela umsebenzi kaKristu. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi naphoqwa. Enhliziyweni yakho kuyohlale kulenga izithombe eziningi eziphakeme; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zabo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlalebephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.


kwesithi “Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Ngakho kunabantu abavame ukukhohliswa yilabo ababonakala bengokomoya, beyigugu, bebonakala benezithombe eziphakeme. Ngokwalaba bantu abangakhuluma ngezincwadi nezimfundiso, nalezo zinkulumo nezenzo ezibonakala zifanelwe ukunconywa, abantu ababancomayo abakaze bahlole umsuka wezenzo zabo, imiyalo eqhutshwa izenzo zabo, nokuthi iyini imigomo yabo. Futhi abakaze bahlole ukuthi labo bantu bamlandela ngempela yini uNkulunkulu, ukuthi bangabantu abamesaba ngempela yini uNkulunkulu futhi abakugwemayo okubi noma cha. Abakaze baqonde isiqu sobuntu balaba bantu. Kunalokho, kusukela baqala ukwazana nabo, kancane kancane, bayabatusa laba bantu, babahlonipha kakhulu laba bantu, futhi ekugcineni laba bantu baphenduka izithixo zabo. Ngaphezu kwalokho, ezingqondweni zabanye abantu, izithixo abazikhulekelayo, abakholwa ukuthi bangashiya imindeni nemisebenzi yabo, futhi bakhokhe okudingekayo—lezi zithixo yizo empeleni ezanelisa uNkulunkulu, ezingathola umphumela omuhle neziphokophele endaweni enhle. Ezinhliziyweni zazo, lezi zithixo zingabantu uNkulunkulu abatusayo. Yini ebangela ukuba abantu babe nalolu hlobo lwenkolelo?...

… Iyodwa into eyimbangela eyenza abantu babe nalezi zenzo zokunganaki, imibono yokunganaki, noma imibono nemikhuba yohlangothi olulodwa, futhi namhlanje ngizonitshela ngayo. Isizathu ukuthi nakuba abantu bengase balandele uNkulunkulu, bathandaze nsuku zonke Kuye, futhi bafunde izwi likaNkulunkulu nsuku zonke, abaziqondi empeleni intando kaNkulunkulu. Lona umnyombo wenkinga. Uma othile eqonda inhliziyo kaNkulunkulu, eqonda izinto ezithandwa uNkulunkulu, lokho uNkulunkulu akuzondayo, lokho uNkulunkulu akufunayo, lokho akwenqabayo, ukuthi uNkulunkulu uthanda nhloboni yomuntu, nhloboni yomuntu ayizondayo, nhloboni yendinganiso uNkulunkulu ayisebenzisayo ezintweni azifuna kumuntu, futhi usebenzisa yiphi indlela lapho ephelelisa umuntu, ingabe lowo muntu usengaba nemibono yakhe? Ingabe bangavele bahambe bayokhonza omunye umuntu? Ingabe umuntu ovamile angaba isithixo sabo? Uma abantu beqonda intando kaNkulunkulu, bazoba nemibono enengqondo. Ngeke bamane benze umuntu owonakalisiwe abe isithixo, noma ngesikhathi besahamba endleleni yeqiniso, bakholwe ukuthi ukunamathela emithethweni noma imiyalweni embalwa kulingana ngendlela efanayo nokwenza iqiniso.


kwesithi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe” kwethi Izwi Livela Lisenyameni


Kungaba kuhle kulabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuba bavule amehlo abo ukuba kebacabangisise ngabakholwa kukho: Ingabe nikholwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukuhlambalaza! Akekho okuphoqa ukuba ukholwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi nikholwa Kimi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezimbi eziphakathi kwenu. Labo abanikina amakhanda lapho bezwa iqiniso, abamamatheka kakhulu lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazosuswa. Ebandleni kunabantu abaningi abangenakwahlukanisa, futhi lapho kwenzeka into ekhohlisayo, bama ohlangothini lukaSathane. Lapho bebizwa ngezinceku zikaSathane bazizwa boniwe. Kuthiwa abanakwahlukanisa, kodwa bahlale besohlangothini olungenalo iqiniso. Asikho nesisodwa isikhathi esibucayi lapho beke bama ohlangothini lweqiniso, ngisho nesisodwa isikhathi abake bama ngaso balwela iqiniso, ngakho ingabe abanakho ngempela ukwahlukanisa? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane? Kungani bengasho nelilodwa izwi elifanele noma elicabangela iqiniso? Ingabe ngempela lesi simo sibangelwe ukudideka kwesikhashana? Lapho umuntu enokwahlukanisa okuncane, yilapho ekwazi kancane khona ukuma ohlangothini lweqiniso. Kuvezani lokhu? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlukanisa bathanda ububi? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlulela bayinzalo ethembekile kaSathane? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane futhi bekhuluma ulimi olufana nolwakhe? Wonke amazwi nezenzo zabo, kanye nezinkulumo zabo kukufakazela ngokwanele ukuthi abalona uhlobo oluthanda iqiniso, kodwa kunalokho, bangabantu abenyanya iqiniso. Ukuthi bangama ohlangothini lukaSathane kukufakazela ngokwanele ukuthi uSathane uyabathanda labo develi abalwa ukuphila kwabo konke ngenxa kaSathane. Ingabe wonke la maqiniso awakhanyi bha?


kwesithi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Okuqukethwe Okuhlobene: Yini iqiniso? Yini ulwazi lweBhayibheli nemfundiso?