Ubufakazi Ngokubhekana Nokwahlulela kukaKristu

Wonke Amazwi KaNkulunkulu Ayisibonakaliso Sesimo Sakhe

UHu Ke Edolobheni laseDezhou, EsiFundazweni saseShandong


Njalo uma ngibona la mazwi ekhulunywa nguNkulunkulu, ngangizizwa nginetwetwe: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona” (“Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngazizwa nginetwetwe ngoba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu sibaluleke kakhulu ekuqondeni komuntu uNkulunkulu kanye nasekufuneni komuntu uthando kanye nokumenelisa Yena. Kodwa uma ngidla futhi ngiphuza amazwi kaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi ngangihlale ngizwa sengathi isimo sikaNkulunkulu sasiyinto esengqondweni nje kuphela, futhi ngingakwazi ukusiqonda kahle. Kamuva, ngenxa yokuhlanganyela nomholi wami, ngathola ukwazi ukuthi kufanele ngiqonde ukuthi yini ethandwa uNkulunkulu nokuthi yini ayizondayo emazwini Akhe, bese ngaleyo ndlela ngithole ukuqonda kahle isimo sikaNkulunkulu. Kulandela lapho ngazama isikhashana ukwenza lokhu futhi ngayibona imiphumela ethile. Kodwa nalapho ngangizizwa ngingaqondi kahle mayelana namazwi kaNkulunkulu, “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu,” futhi ngingazi nhlobo ukuthi ngingawaqonda kanjani.

Ngelinye ilanga, ngafunda la mazwi entshumayelweni: “Isimo sikaNkulunkulu siqukethe amaphuzu amaningi. Siqukethe lokho uNkulunkulu anakho nayikhona, imicabango Yakhe, imibono Yakhe, ukucabanga Kwakhe kanye nokuhlakanipha. Siqukethe indlela kaNkulunkulu kuzo zonke izinhlobo zabantu, njengemicabango Yakhe yomusa nokunakekela, kanye futhi nolunye ulaka Lwakhe olubhekiswe ebantwini abangalaleli nabanenkani. Ngenxa yokuthi umusho ngamunye kaNkulunkulu uqukethe ubuhlakani Bakhe kanye nemibono Yakhe, ngoba konke kuqukethe isendlalelo nomthombo wamazwi Akhe, ngoba konke kuveza ngokwemvelo indlela kaNkulunkulu kumuntu, hhayi nje ngomusho owodwa ongenasisekelo, kuyinto eyimvelo yempela ukuba umusho ngamunye uqukathe isimo sikaNkulunkulu. Onke amazwi ashiwo ngabantu aveza isimo sempilo yabo, ngakho ngeke yini onke amazwi kaNkulunkulu aqukathe okuningi okungaphezulu kwalokho? Lokhu kulula ukukuqonda, kodwa indlela yokukuthola nokukwazi ayilula neze njengoba abantu becabanga. Uma, lapho umuntu efunda amazwi kaNkulunkulu, engazami ukuwaqondisisa ngokwanele, engazami ngokwanele noma engenaso isipiliyoni, lapho-ke isimo sikaNkulunkulu ngeke kube lula ukusibona, angisaphathi-ke ukusiqondisisa. Okudingekayo-ke kubantu ukuba bathule phambi kukaNkulunkulu kanye nokugxilisa izinhliziyo zabo ngokuphelele emazwini kaNkulunkulu, kanye nokuba ukufunda kwabo nokuzama ukuqonda amazwi kaNkulunkulu kwenziwe ngomkhuleko; lapho-ke kancane kancane uzoqala ukuthola isimo sokucabanga esisekele amazwi kaNkulunkulu. Lokhu kuyisiqalo sokungena” (Encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu). Lapho ngifunda la mazwi okuhlanganyela, konke kwacaca bha. Ngabona ukuthi isimo sikaNkulunkulu siqukethe izinto eziningi: Siqukethe lokho uNkulunkulu ayikhona, imicabango Yakhe kanye nemibono Yakhe, ukucabanga Kwakhe kanye nobuhlakani Bakhe, kanjalo nendlela ayiyo kuzo zonke izinhlobo zabantu, njalo njalo. Ukudlula lapho, umusho ngamunye kaNkulunkulu nomthombo wamazwi ngamanye Akhe, lapho kungekho nowodwa umusho ongenaso isisekelo, kanye nento ngayinye uNkulunkulu ayenzayo kanye nomusho ngamunye awukhulumayo ungukudalulwa kwemvelo yakho konke ayikhona empilweni. Ukuqonda kwami isimo sikaNkulunkulu, ngakolunye uhlangothi, kwakukhawulelwe kuphela kulokho uNkulunkulu akuthandayo nalokho akuzondayo. Lolu hlobo lokuqonda lwaluncike ohlangothini olulodwa kakhulu ngakho lwalungakwazi ukufinyelela kukho ukuqonda isimo sikaNkulunkulu emushweni ngamunye Wakhe. Ngaphandle kwalokhu, ngaphinde ngaqonda ukuthi, uma ngangifuna ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kusukela emushweni ngamunye, ngangidinga ukuthula cwaka ngaphambi kukaNkulunkulu ngenze yonke imizamo yokuqonda imizamo kaNkulunkulu. Ukudlula lapho, ngangidinga ukukhuleka ngifune ukuholwa phambi kukaNkulunkulu, ngigxile ekuqondeni isimo somqondo osekele amazwi akhulunywe nguNkulunkulu kanjalo nesendlalelo nomthombo ongemuva kwezenzo zikaNkulunkulu.

Ngiphakamisa ukubonga ngokukhanyisa nokukhanyiselwa nguNkulunkulu okwangenza ngakwazi ukubona lezi zinto, ngabe emva kwalokho sengiqala ukugxila ekwenzeni nasekungeneni kulokhu. Ngelinye ilanga, ngafunda indima yamazwi kaNkulunkulu: “Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi wakhe, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama” (“Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Uma ngizama ukuqonda le ndima ngokuqikelela, ngazizwa sengathi ngithole umcebo omkhulu. Amazwi kaNkulunkulu akhombisa ukuqhubeka kokucabanga kukaNkulunkulu ngalesiya sikhathi, ukucabanga ukuthi kusetshenziswe yiphi indlela yomsebenzi ezinsukwini zokugcina. Ngesikhathi sokucabanga Kwakhe, into yokuqala uNkulunkulu aninga ngayo kwaba ukuthi iyiphi indlela azoyisebenzisa engahlomulisa isintu kakhulu kulo msebenzi, ukuthi kungatholakala kanjani kangcono umphumela wokusindiswa komuntu kanye nokuthi kwenziweni ukuze kwenziwe uSathane amukele ukunqotshwa, ngaleyo ndlela kushabalaliswe uSathane bese kulethwa abantu ababekade belimele ngokujulile ensindisweni ephelele. Ngalesi sikhathi sonkana nenqubo yokucabanga, uNkulunkulu wayelokhu eqhakambisa izintshisekelo nokuphepha komuntu hhayi neze Ezakhe. Kusobala ukuthi uNkulunkulu wayazi ngokuba Kwakhe senyameni wayezobhekana nobunzima obukhulu, kodwa lokhu akakushayanga ndiva uma ecabanga ngokusindisa isintu. Kunalokho, waqhubeka nokukhetha, ngokuncike ezidingweni zesintu nesimo sokungcola kwesintu, indlela kaNkulunkulu yokuba senyameni ukuze enze umsebenzi wezinsuku zokugcina. Uzibeka engcupheni enkulu ukuze angene shi emphandwini wengonyama, ubhekana nokushushiswa okunamandla nokuzingelwa ngudrako omkhulu obomvu, abekezelele ukuhlukunyezwa nokuhlambalazwa yizinkolo namabandla ahlukahlukene, futhi abekezele ukuphikiswa, ukungalalelwa kanye nokungaqondwa kwalabo bethu abalandelayo. Amanxeba nokuhlaselwa okubhekiswe enhliziyweni kaNkulunkulu kanjalo nokuhlaziswa akubekezelelayo uNkulunkulu empeleni yizinto okungekho muntu onokuziqonda. Yonke into uNkulunkulu ayishoyo nayambulayo iyikhona konke ayikhona empilweni: Ukuzinikela Kwakhe okungenabugovu esintwini kanye nokusikhokhela Kwakhe icala laso. Ubukhulu bukaNkulunkulu nokungabi nabugovu Kwakhe kwambulwa ngokwemvelo emsebenzini Wakhe kanye nasemushweni ngamunye Wakhe, futhi lokhu kuyingxenye yomusa kaNkulunkulu omkhulu nothando oluzinikele. Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu akuwona nje amazwi angasho lutho, kodwa yinani langokoqobo alikhokhayo. Ngaleso sikhathi, ngathola umuzwa ocace bha okuthi uNkulunkulu ngempela mkhulu futhi uyathandeka kakhulu! Ngakho, yize noma ngangiwafundile la mazwi kaNkulunkulu ngaphambilini, ngangingakaze ngiqonde isendlalelo kwamazwi uKristu ayewakhulumile noma konke lokho ayekwambula, noma-ke ngiqonde uthando lukaKristu ngomuntu. Kumanje kuphela lapho ngithole ukuqonda kweqiniso la mazwi kaNkulunkulu: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu.

Ngaphambilini, njengoba ngangingakaze ngithulise inhliziyo yami noma ngizame ngokuphelele ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, ngalahlekelwa amathuba amahle amaningi okuqonda uNkulunkulu, kangangokuthi ngisho nanamuhla ngisenemibono nokungamqondisisi uNkulunkulu, futhi ngisaqhelelene Naye. Kumanje kuphela lapho sengiqonda ukuthi uma ngifisa ukuqonda isimo sikaNkulunkulu, kufanele ngizame ngamandla ami onke ukufuna nokuqonda iqiniso eliqukethwe umusho ngomusho kaNkulunkulu. Ngale ndlela, nakanjani ngizohlomula kakhulu. Kusukela namuhla kuya phambili, ngifisa ukugcila ekuzimiseleni kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu, futhi ngifune ukuba masisha ngibe yilowo onokumqonda uNkulunkulu.

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

KweBhayibheli NoNkulunkulu: Ingabe iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso na?