III.INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

(UGenesise 3:20-21) Futhi u-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva; ngokuba wayengunina wabo bonke abaphilayo. INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

Ake sibheke le ngxenye yesithathu, eveza ukuthi kunencazelo egameni u-Adamu aliqamba u-Eva, akunjalo? Lokhu kubonisa ukuthi ngemva kokudalwa, u-Adamu wayenemibono yakhe futhi eqonda izinto eziningi. Kodwa manje ngeke sicwaninge noma sihlaziye izinto ayeziqonda nokuthi kungakanani ayekuqonda ngoba leli akulona iphuzu eliyinhloko engifuna ukuxoxa ngalo kule ngxenye yesithathu. Ngakho yiliphi iphuzu eliyinhloko engxenyeni yesithathu? Masibheke umugqa othi, “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Uma singaxoxi ngalo mbhalo namuhla, ningase ningayiqondi incazelo yala mazwi. Okokuqala, ake ngininike imikhondo. Sabalalisani umcabango wenu nibone ngeso lengqondo iNsimu Yase-Edene, u-Adamu no-Eva bephila kuyo. UNkulunkulu uya kubo uyobabona, kodwa bayacasha ngoba bahamba-ze. UNkulunkulu akababoni, futhi ngemva kokubamemeza, bathi, “Asikwazi ukukubona emizimbeni yethu ehamba-ze.” Abafuni ukubona uNkulunkulu ngoba banqunu. Ngakho yini uJehova uNkulunkulu abenzela yona? Umbhalo wokuqala uthi: “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Manje uyazi yini ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ini ukuze abenzele okokwembatha? UNkulunkulu wasebenzisa isikhumba sesilwane ukuze abenzele okokwembatha. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wenzela umuntu ijazi loboya. Lokhu kwakuyinto yokuqala yokwembatha uNkulunkulu ayenzela umuntu. Ijazi loboya impahla ebiza kakhulu ezitolo ngokwezinga lanamuhla, akuyona into engagqokwa yinoma ubani. Uma othile ekubuza: Yisiphi isembatho sokuqala esembathwa okhokho besintu? Ungaphendula: Kwakuyijazi loboya. Ubani owenza leli jazi loboya? Ungaphendula futhi: Lenziwa uNkulunkulu! Yilelo iphuzu eliyinhloko: Lesi sembatho senziwa uNkulunkulu. Ingabe akuyona into okufanele siyiphawule leyo? Manje njengoba sengilichazile, ingabe sesikhona isithombe engqondweni yakho? Kumele okungenani kube nokuthile okucabangayo ngalo. Into eyenza nginitshele lokhu namuhla akukhona ukuthi kwakuyisiphi isembatho sokuqala somuntu. Ngakho lithini iphuzu? Iphuzu akulona ijazi loboya, kodwa indlela yokwazi isimo nesiqu kanye nezinto ezembulwe uNkulunkulu ngesikhathi enza lokhu.
 
INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa

 

Kulesi sithombe esithi “INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa,” hlobo luni lwendima uNkulunkulu ayidlalayo lapho eno-Adamu no-Eva? UNkulunkulu wayevela ekuyiphi indima kubantu ababili kuphela ababesemhlabeni? Kwakuyindima kaNkulunkulu? … UNkulunkulu wadala laba bantu ababili futhi wabaphatha njengabangani Bakhe. Njengokuwukuphela kwamalungu omndeni Wakhe, uNkulunkulu wanakekela ukuphila kwawo nezidingo zawo eziyisisekelo. Lapha uNkulunkulu uvela njengomzali ka-Adamu no-Eva. Nakuba uNkulunkulu enza lokhu, umuntu akaboni ukuthi uNkulunkulu uphakeme kangakanani; akawaboni amandla amakhulu kakhulu kaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi okubi nakakhulu ukuthi abawaboni amandla Akhe angenamkhawulo. Akubonayo nje ukuzithoba kukaNkulunkulu, uthando Lwakhe, ukukhathalela abantu, nesibopho Sakhe nendlela amnakekela ngayo. Indlela uNkulunkulu aphatha ngayo u-Adamu no-Eva iyafana nendlela abazali abakhathalela ngayo izingane zabo. Iphinde ifane nendlela abazali abangabantu abonothando ngayo, abanakekela ngayo amadodana namadodakazi abo—ingokoqobo, iyabonakala, futhi inokwethenjelwa. Esikhundleni sokuzibeka endaweni ephakeme nenkulu, uNkulunkulu wasebenzisa izikhumba ukuze enzele abantu okokwembatha. Akunandaba ukuthi leli jazi loboya lalisetshenziselwa ukuvikela isithunzi sabo noma ukubavikela emakhazeni. Ngamafuphi, lesi sembatho esasisetshenziselwa ukumboza umzimba womuntu sasenziwe uNkulunkulu mathupha ngezandla Zakhe. Kunokuthi asenze ngezindlela eziyimfihlakalo njengoba abantu becabanga, uNkulunkulu wenza into umuntu ayecabanga ukuthi ngeke akwazi ukuyenza futhi kwakungafanele ayenze. Lokhu kungenzeka yinto elula ongaboni ngisho nesidingo sokuthi ishiwo, kodwa ivumelana nabo bonke labo abalandela uNkulunkulu kodwa abebenemicabango eyinqaba ngaye ukuba baqonde ubuqotho nothando Lwakhe futhi babone ukwethembeka nokuthobeka Kwakhe. Kwenza omacaphuna-kusale abanobugovu abacabanga ukuthi baphakeme futhi banamandla amakhulu babe namahloni ngenxa yobuqotho nokuzehlisa kukaNkulunkulu. Lapha, ubuqotho nokuthobeka kukaNkulunkulu kwenza abantu babone uthando ayilo. Ngokuqhathanisa, ubukhulu bukaNkulunkulu, uthando lukaNkulunkulu, namandla amakhulu kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu amancane, akukhangi, futhi ngeke kukwazi ngisho nokumelana namagalelo angatheni. Lapho ubona ivesi futhi uzwa indaba, ingabe umbukela phansi uNkulunkulu ngenxa yokuthi wenza leyo nto? Abanye bangase bambukele phansi, kodwa abanye bayokwenza okuphambene nalokho. Bayocabanga ukuthi uNkulunkulu uqotho futhi unothando, futhi ngempela kuwubuqotho bukaNkulunkulu nothando okubenza babe nogqozi. Lapho bebona khona uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu, yilapho beyokwazisa khona nakakhulu ukuba khona kothando lukaNkulunkulu, ukubaluleka kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, nendlela abesekela ngayo ngazo zonke izikhathi.

 

Lord-God-make-coats-of-skins

 

Kuleli qophelo, kufanele sihlobanise ingxoxo yethu nokwenzeka manje. Uma uNkulunkulu engenzela abantu abadala kusukela ekuqaleni lezi zinto ezincane eziningi, ngisho nezinto abantu abangenakuzicabanga futhi abangenakuzilindela, ingabe uNkulunkulu angabenzela abantu namuhla into efanayo? Abanye abantu bathi, “Yebo!” Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu akusona esenkohliso, uthando Lwakhe olwangempela. Ngenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sikhona ngempela futhi asiyona into eyenezelwe abanye, futhi asiyona into eshintsha nezikhathi, izindawo noma izinkathi. Ubuqotho bukaNkulunkulu nothando kungalingiswa ngokoqobo ngokwenza into abantu abacabanga ukuthi ayibalulekile noma encane ngezinga lokuthi abantu abacabangi nokuthi uNkulunkulu angayenza. UNkulunkulu akazenzisi. Alikho ihaba, ukuzifihla, noma ukuziqhenya noma ubugovu esimweni sikaNkulunkulu nasesiqwini Sakhe. Akalokothi aqhoshe, kodwa kunalokho uyathanda, akhathalele, anakekele, ahole abantu abadala ngokwethembeka nangobuqotho. Akukhathaliseki ukuthi kungakanani abantu abakwazisayo kukho, abakuzwayo noma abakubonayo, uNkulunkulu nakanjani uyazenza lezi zinto. Ingabe ukwazi ukuthi uNkulunkulu unesiqu esinjalo kuyoluthinta uthando lwabantu ngaye? Ingabe kuyoyithonya indlela abantu abesaba ngayo uNkulunkulu? Ngethemba ukuthi lapho usuluqonda uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu uyosondelana kakhulu Naye futhi ulwazise ngokugcwele uthando Lwakhe nokunakekela Kwakhe isintu, kuyilapho ngesikhathi esifanayo unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu ngaphandle kwezinsolo noma ukungabaza. Konke uNkulunkulu ayikho ukwenzela umuntu, ekwenza ngobuqotho obunokuthula okukhulu, ukwethembeka kanye nothando. Kodwa akukho ukukhathazeka noma ukuzisola anakho ngakho konke akwenzayo, futhi akaze adinge muntu ukuba amkhokhele nganoma iyiphi indlela noma abe nezinhloso zokuthola noma yini esintwini. Okuwukuphela kwenjongo yayo yonke into ake ayenza ukuthi isintu simbuyisele ngokholo nothando lweqiniso.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Ulwazi Oluthandwayo: Gospel Choir Song