Best South African Gospel Song "UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu"

 
UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu
UNkulunkulu uthule, futhi akaze abonakale kithi,
nokho umsebenzi Wakhe awukaze ume.
Ubheka wonke amazwe, futhi ulawula zonke izinto,
aphinde abheke onke amazwi kanye nezenzo zomuntu.
Ukuphatha Kwakhe kwenziwa ngezinyathelo futhi ngokuhambisana nohlelo Lwakhe.
Kuqhubeka ngokuthula, ngaphandle kokwenza okokubukwa,
kodwa izinyathelo zakhe ziya ngokuya zisondela esintwini,
futhi isihlalo Sakhe sokwahlulela silethwa endaweni yonke ngesivinini sombani,
kulandelwa eduze wukwehlela kwesihlalo sobukhosi phakathi kwethu.
Yinkundla enobukhosi lena, ngumfanekiso onesithunzi futhi onesizotha.
Njengejuba. nanjengebhubesi elibhodlayo, uMoya ufika phakathi kwethu sonke.
Uhlakaniphile, ulungile futhi unobukhosi,
Ufika ngokuthula phakathi kwethu enegunya
futhi egcwaliswe wuthando nozwelo, futhi egcwaliswe wuthando nozwelo.
Sivele siqhubeke nokufuna kwethu, sengathi akahlangene ngalutho nathi.
Sivele siqhubeke nokufuna kwethu, sengathi akahlangene ngalutho nathi …


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

 

Okwengeziwe: african gospel music