umsebenzi kaNkulunkulu,insindiso kaNkulunkulu,

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

 

(3) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yombuso


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni” ;uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo; wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi.

kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukunisola nokunicwenga, ngakho-ke uma nibhekene nobunzima, kungenxa yezwi likaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu akawasebenzisi amaqiniso, kodwa amazwi. Kungemva kokuba izwi Lakhe lifikile kuwe lapho uMoya oNgcwele ungasebenza kuwe ukwenze uzwe ubuhlungu noma ubumnandi. Yizwi likaNkulunkulu kuphela elingakuletha eqinisweni, futhi yizwi likaNkulunkulu kuphela elikwazi ukukwenza upheleliswe. Ngakho-ke, okungenani kumele uqonde ukuthi umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ikakhulu ngukusebenzisa izwi Lakhe ukuphelelisa wonke umuntu nokuqondisa umuntu. Wonke umsebenzi awenzayo uwenza ngezwi; akasebenzisi amaqiniso ukukusola. … Ngalokho-ke, ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. … Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lezi zinto zomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wezinsuku zokugcina usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi?

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kungaveza ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nabantu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uzopheleliswa ngeNkathi Yombuso. Emuva komsebenzi wokunqoba, umuntu uyobhekana nokucwengwa kanye nokuhlupheka. Labo abanganqoba nabangaba ofakazi ngesikhathi sokuhlupheka yibo abagcina sebepheleliswa; baba ngabanqobi. Ngesikhathi senhlupheko, abantu kudingeka ukuthi bamukele ukucwengwa, futhi lokhu kucwengwa kungumsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Kungokokugcina lapho umuntu eyocwengwa ngaphambi kokuphethwa komsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, futhi bonke labo abalandela uNkulunkulu kumele bamukele ukuvivinywa kokugcina, kumele bamukele ukucwengwa kokugcina.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lesi sigaba somsebenzi sizokwakha iqembu labanqobi, futhi emuva kokwenza leli qembu labanqobi, bazokwazi ukufakazela izenzo Zakhe, lizokwazi ukuphila iqiniso, futhi liMenelise ngempela futhi lithembeke kuYena kuze kube sekufeni, futhi ngaleyondlela uNkulunkulu uyodunyiswa.

kwesithi “Inkulumo Emfishane Mayelana 'Nombuso Weminyaka Eyinkulungwane Osufikile’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane. Uma sekufika leso sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu uyobe usufinyelele ekupheleni, futhi ukusebenzisana komuntu noNkulunkulu ukuze afinyelele ekuguqukeni kwesimo sakhe kuyobe kungasekho, futhi isintu sonke siyophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, futhi kusukela lapho, ngeke kusaba khona ukuhlubuka kuNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, ngeke baphinde bayibone inhlamvu yelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ukubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, abantu bakuzo zonke izizwe kuyo yonke indawo bayowubona umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ungazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kuwe; indlela oyikhethayo iyoba yisinqumo sakho. Okumele ukuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa—isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila ngayo ekuphumuleni ngokuthula.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engabasindisi abantu abonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele abantu abangamlaleli; nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokupheleliswa kwamazwi Ami, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni