umsebenzi kaNkulunkulu,uthando lukaNkulunkulu,

(1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli indawo lapho uNkulunkulu adala u-Adamu no-Eva, futhi othulini lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; isizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa no-Adamu, babeyisisekelo somsebenzi kaJehova emhlabeni.

Ukubaluleka, inhloso, kanye nesinyathelo somsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, bese kancane kancane awandise kwezinye izizwe kusukela esizindeni kwa-Israyeli. Lesi isimiso Asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese eyandisa baze bonke abantu balemukele ivangeli Lakhe emhlabeni jikelele. Ama-Israyeli okuqala kwakuyiNzalo kaNowa. Labo bantu babenomoya kaJehova nje kuphela futhi babekwazi ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, futhi bengazi intando yakhe ngomuntu, futhi babengazi ngisho nakancane ukuthi kufanele bayidumise kanjani iNkosi yendalo yonke. Inzalo ka-Adamu yayingazi ukuthi imiphi imigomo nemithetho ekufanele bayilalele, nokuthi imuphi umsebenzi isidalwa okufanele siwenzele Umdali. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuhlinzekela umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, labantu babenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, kodwa babengakwazi ukulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma okuwubuqili ezinhliziyweni zabo, nakuba babengavamile ukuba nomona nokuxokozela, babengamazi uJehova noma bengamqondi uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuthi badle lokho uJehova akwenzile, bathokozele lokho uJehova akwenzile, kodwa babengakwazi ukudumisa uJehova; babengazi ukuthi kufanele bamdumise beguqe ngamadolo. Babengabizwa kanjani ukuthi izidalwa Zakhe? Ngakho lamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu njengokuziveza Kwakhe, ukumdumisa nokummela Yena,” akhulunyelwa ize? Abantu abangamdumisi uJehova bangafakazela kanjani inkazimulo Yakhe? Bangaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe lamazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” aphenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? Lamazwi awaphenduki yini abe uphawu lokululazeka ngenxa yokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abanikeze imiyalelo noma abaqondise ukusuka ku-Adamu kuya kuNowa. Kwaze kwathi emuva kukazamcolo, Waqala ukuhola abakwa-Israyeli ngokusemthethweni, ababeyinzalo ka-Adamu noNowa. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli aqondisa izimpilo zabo bonke abantu ezweni lonke. Wabakhombisa ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo Yakhe, futhi wamvusa othulini wamenza isidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nanokuthi wayengangqongqisa isintu ngamalangabi, asiqalekise isintu, esebenzisa uswazi Lwakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume futhi esebenza phakathi kwabo imini nobusuku. Wawenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, ukuthi umuntu wenziwa Nguye. Ngaphezulu kwalokho, umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa babexhantile basuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beselokhu beyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonkana zimdumise futhi zimphakamise Yena ngoba emkhulu. Uma uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe ku-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho athi esesidalile isintu, asiyekelele siphile izimpilo zokunganaki emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, akazi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi akazi ukuthi Yena wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Uma uJehova wayedale umuntu futhi wambeka emhlabeni ngesizathu sokuzithokozisa, wabese nje esula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahole phakathi kwabantu isikhathi esithile, sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto azidala, kuhlangene nesintu sonke, konke kwakuyophetha ngokushabalala kuxovwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Abe nendawo yokuma emhlabeni, indawo engcwele phakathi kwendalo Yakhe” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke esikhundleni salokho, emuva kokudala isintu, uNkulunkulu wabaqondisa ezimpilweni zabo, futhi wakhuluma nabo, konke lokhu ukuze athole isifiso sakhe, aphumelele ohlelweni Lakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukulifeza icebo, ayekade elihlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto. Ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kuqala phakathi kwabaka-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwenzelwa ngenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nodumo Lwakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, kuleso sikhathi Wabafundisa ukuthi bamdumise kanjani uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baphile izimpilo zabo, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamphakamise, futhi bamdumise Yena ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Ngaphambili kwezinkulungwane ezimbili zeminyaka lapho uJehova enza khona umsebenzi Wakhe, umuntu wayengazi lutho, futhi cishe bonke baphupha bawela ebufebeni nenkohlakalo eyandulela uzamcolo; izinhliziyo zabo zazingenaye uJehova, ungasayiphathi, indlela Yakhe. Abazange neze baqonde umsebenzi uJehova ayezowenza; babengenawo umqondo wokucabanga, lungasaphathwa ulwazi, benjengemishini ephilayo ephefumulayo bengenalwazi ngomuntu, ngoNkulunkulu, ngomhlaba, kanye nempilo ngokufana. Emhlabeni bangena ekwenzeni ukuyenga nobuhumusha, njengenyoka, futhi bakhuluma izinto eziningi azazimcasula uJehova, kodwa ngoba babengenalwazi uJehova akazange abajezise noma abayale. Emuva kukazamcolo, lapho uNowa wayeneminyaka engama-601, uJehova wazibonakalisa ngokomthetho kuNowa wabe esemqondisa yena nomndeni wakhe, emhola yena, nezinyoni, nezilwane ezasinda kuzamcolo, kanye nozalo lwakhe kwaze kwabasekupheleni kweNkathi yoMthetho, iminyaka eyizi-2,500 seyiphelele. Wayesebenza ngokomthetho ku-Israyeli iminyaka eyizi-2,000, kanti isikhathi lapho ayesebenza kwa-Israyeli nangaphandle kwakhona, sasiyiminyaka engama-500, okwenza iminyaka eyizi-2,500 uma uhlanganisa. Ngale nkathi watshela abakwa-Israyeli ukuthi ukukhonza uJehova, kufanele bakhe ithempeli, baphinde bagqoke izingubo zabapristi, futhi bahambe bengafake zicathulo ukungena ethempelini entathakusa, zingaze izicathulo zabo zingcolise ithempeli bese kwehla umlilo phezulu ethempelini ubashise bangqongqe. Bayenza imisebenzi yabo futhi bathobela izinhlelo zikaJehova. Bakhuleka kuJehova ethempelini, kwathi emuva kokuba sebegqugquzelwe nguJehova, okungukuthi, emuva kokuthi uJehova esekhulumile, bahola abantu futhi babafundisa ukuthi bamhloniphe kakhulu uJehova—uNkulunkulu wabo. Futhi uJehova wabatshela ukuthi kufanele bakhe ithempeli ne-altare, kanti ngesikhathi esibekwe uJehova, okungukuthi, ngePhasika, kufanele balungise ethempelini amathole namawundlu asanda kuzalwa njengemihlatshelo yokukhonza uJehova, ukubanqanda futhi nokufaka inhlonipho enkulu kaJehova ezinhliziyweni zabo. Noma bayawulalela lomthetho, kwakuzoba isilinganiso sokuthembeka kwabo kuJehova. UJehova wabeka nosuku lweSabatha kubo, usuku lwesikhombisa lokudala Kwakhe. Usuku emuva kwalokho Yena wenza usuku lokuqala, usuku lwabo lokuba bakhonze uJehova, balethe imihlatshelo, futhi benze umculo Kuye. Ngalolu suku, uJehova wabiza ndawonye bonke abapristi futhi wabelana ngemihlatshelo ethempelini ukuze abantu badle, ukuze bathokozele imihlatshelo elethwe kuJehova. Futhi uJehova wathi babusisiwe kanti banengxenye naye, nokuthi bangabantu Bakhe abakhethiweyo (okwabe kuyisivumelwano sikaJehova nabakwa-Israyeli). Yingakho, kuze kube inamuhla, abantu bakwa-Israyeli basathi uJehova nguNkulunkulu wabo bodwa, hhayi ukuNkulunkulu wezinye izizwe.

NgeNkathi yoMthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabaka-Israyeli, abamlandela ukuphuma eGibhithe. UJehova wayinika lemiyalelo abakwa-Israyeli, ababengahlobene nabaseGibhithe, kanti yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli, futhi iyizimiso Zakhe kubo. Noma umuntu wayegcina iSabatha, noma ehlonipha abazali bakhe, noma ekhonza izithixo, nokunye nokunye, lezi izimiso umuntu ayehlulelwa ngazo ukuthi unesono noma ulungile. Noma umuntu wayeshaywa ngumlilo kaJehova, noma akhandwe ngamatshe, noma athole isibusio kuJehova, kwakuncike ekutheni umuntu uyayilalela yini imiyalelo. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ehola izimpilo zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangahlubuki. Wasebenzisa lemithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi yoMthetho. Nakuba uJehova wakhuluma kakhulu futhi wenza umsebenzi omningi, Wabahola ngendlela eyakhayo, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babekanjani ngabantu, baphile kanjani, baqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi Yena awenza, wawuhlose ukuvumela abantu ukubuka bazi indlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengajulile ngokukhohlakala; wawungakhathalele ukuguqulwa kwesimo noma ukukhula empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayemane enguNkulunkulu ethempelini, uNkulunkulu emazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayekufuna kubona kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo umuntu— angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubashintsha kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu ekufanele abenazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokuthi umuntu esedaliwe, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wabanika izinto ekufanele babenazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza labantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika kona kwakudlula lokho ayekade Yena ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abashintshe, wamane wabaqondisa. Lokhu indaba isiphelele yomsebenzi kaJehova ngeNkathi yoMthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, umnyombo womsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwaphuma umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha olweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

kwesithi “Umsebenzi Ngenkathi Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho efanele yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kulapho kuphela umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa lapho kuphela umsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngakho seniyifundile le mithetho yeNkathi Yomthetho, akunjalo? Ingabe imithetho inomqondo osabalele? Okokuqala, ihlanganisa iMiyalelo Eyishumi, ilandelwe imiyalelo yokwakhiwa kwama-altare, njalo njalo. Ilandelwe imithetho yokugcina iSabatha nemikhosi emithathu, bese ilandelwa yimiyalo yeminikelo. Ingabe ubonile ukuthi zingaki izinhlobo zeminikelo ezikhona? Kuneminikelo yokushiswa, iminikelo yokuthula, iminikelo yesono, njalo njalo, elandelwa yimithetho yeminikelo yabapristi, ehlanganisa iminikelo yokushiswa neminikelo yenyama yabapristi, nezinye izinhlobo zeminikelo. Imiyalelo eyi-8 eyezabelo zeminikelo zabapristi, bese kuba nemithetho yalokho abantu okufanele bakugcine. Kunemibono ngezici eziningi zokuphila kwabantu, njengemithetho yalokho okufanele nokungafanele bakudle, yokuhlanjululwa kwababelethayo, neyalabo abelashwe ochokweni. Kule mithetho, uNkulunkulu uze akhulume nangezifo, futhi kunemithetho yokuhlatshwa kwezimvu nezinkomo, njalo njalo. Izimvu nezinkomo kwadalwa uNkulunkulu, futhi kufanele nikuhlabe nganoma iyiphi indlela eyalwa uNkulunkulu; ngokungangabazeki kunesizathu ezwini likaNkulunkulu, nakanjani kulungile ukuyalwa uNkulunkulu, futhi kuyabazuzisa abantu! Kwakuphinde kube namadili nemithetho okufanele kugcinwe, njengosuku lweSabatha, iPhasika, kanye nokuningi—uNkulunkulu wakhuluma ngakho konke lokhu. Ake sibheke okokugcina: eminye imithetho—ukukhanyiswa kwezibani, uNyaka WeJubili, ukuhlengwa kwezwe, ukwenza izifungo, okweshumi, njalo njalo. Ingabe lokhu kunomqondo obanzi? Into yokuqala okufanele kukhulunywe ngayo iminikelo yabantu, bese kuba nemiyalo emayelana nokweba nesinxephezelo, nokugcinwa kosuku lweSabatha…; okubandakanya nemininingwane yokuphila kwawo wonke umuntu. Okusho ukuthi, lapho uNkulunkulu enza umsebenzi osemthethweni wecebo Lakhe lokuqondisa, wabeka imithetho eminingi eyayilandelwa umuntu. Le mithetho yayenzelwa ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile emhlabeni, ukuphila komuntu okungenakuhlukaniswa noNkulunkulu kanye nesiqondiso Sakhe. UNkulunkulu waqale watshela umuntu indlela yokwakha ama-altare, nokuwamisa. Ngemva kwalokho, watshela umuntu ngendlela yokunikela, washo indlela okwakufanele umuntu aphile ngayo—nokwakufanele akunake ekuphileni, okwakufanele anamathele kukho, okwakufanele nokwakungafanele agxile kukho. Konke uNkulunkulu akuhlelela umuntu kwakumangalisa, futhi ngala masiko, imithetho amisa ngayo izinga lokuziphatha kwabantu, waqonda ukuphila nezisusa zabo emithethweni kaNkulunkulu, wabaqondisa ukuthi beze phambi kwe-altare likaNkulunkulu, nokuthi baphile phakathi kwazo zonke izinto zikaNkulunkulu ayezidalele umuntu ngokuhleleka, ukuvama, nangokusesilinganisweni. UNkulunkulu waqala ukusebenzisa le miyalo elula ukuze abekele umuntu imingcele, ukuze umuntu emhlabeni abe nokuphila okujwayelekile akhonze uNkulunkulu, abe nokuphila okujwayelekile komuntu; leyo indlela ekhethekile yesiqalo seminyaka Yakhe eziyi-6 000 yecebo lokuqondisa. Imiyalo nemithetho kunencazelo ebanzi, iyiziqondiso eziqondile zikaNkulunkulu esintwini phakathi neNkathi Yomthetho, kufanele yamukelwe futhi ihlonishwe abantu abangaphambi kweNkathi Yomthetho, iyirikhodi lomsebenzi owenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho, futhi iwubufakazi obuqand’ ikhanda bobuholi nesiqondiso sikaNkulunkulu ngaso sonke isintu.

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu basendulo babengazi lutho, ngakho kwadingeka ukuthi uNkulunkulu aqale ngokubafundisa izinto eziyisisekelo ukuze baphile, nemithetho eyisidingo ukuze umuntu aphile, wagcwala lezi zinto enhliziyweni kancane kancane, futhi wanika umuntu ukuqonda ngoNkulunkulu kancane kancane nokwazisa kanye nokuqonda ubuholi bukaNkulunkulu, futhi umbono oyisisekelo wobudlelwane obuphakathi komuntu noNkulunkulu, kule miyalelo, nakule mithetho, kwakungamazwi. Ngemva kokufinyelela lokhu, uNkulunkulu wakwazi ukwenza umsebenzi ayezowenza kamuva, ngakho le mithetho nomsebenzi eyenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho kuyidwala lomsebenzi wokusindisa umuntu, kuyisigaba sokuqala secebo likaNkulunkulu lokuqondisa.

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukuhola nokwelusa umuntu ngokuqondile ngokubeka imithetho ukuze umuntu akwazi ukuphila impilo ejwayelekile nokudumisa uJehova ngendlela ejwayelekile emhlabeni. UNkulunkulu eNkathini Yomthetho wayengabonwa futhi angathintwa muntu. Wayehola umuntu owayekhohlakaliswe uSathane nje, futhi wayekhona ukuze ayalele futhi eluse laba bantu, ukuze amazwi awakhuluma ayengawomthetho, nemiyalelo kanye nolwazi olujwayelekile ngokuphila impilo njengomuntu kuphela, kwakungasiwo wonke amaqiniso anika umuntu ukuphila. Ama-Israyeli ngaphansi kobuholi Bakhe ayengewona lawo akhohlakaliswe ngokujulile uSathane. Umsebenzi Wakhe womthetho wawusesigabeni sokuqala ngqa somsebenzi wensindiso, ukuqala komsebenzi wensindiso, futhi kwakungahlangene nhlobo nokushintsha isimo sempilo yomuntu.

kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Okwengeziwe: Uthando LukaNkulunkulu Lungokoqobo Impela, Insindiso KaNkulunkulu Ngeke Yephuze