6. Kungani kuthiwa isintu esikhohlakele sidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu abe yinyama?


Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu

Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama

 

UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. Umuntu uyisidalwa esifayo, uyinyama negazi, futhi uNkulunkulu Nguye Yedwa ongasindisa umuntu. Ngale ndlela, uNkulunkulu kumele abe inyama enakho konke umuntu anakho ukuze umsebenzi Wakhe, ukuze futhi umsebenzi Wakhe ube nemithelela engcono. UNkulunkulu kumele abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, ngenxa kanye yokuthi umuntu uyinyama, futhi akakwazi ukunqoba isono nokuzehlukanisa nenyama. Nakuba ukwakheka nesiqu sikaNkulunkulu osesimweni somuntu kwehluka kakhulu ekwakhekeni nesiqu somuntu, kodwa ukubukeka kuyefana nokomuntu, unokubukeka komuntu ovamile, futhi uphila ukuphila komuntu ojwayelekile futhi labo abambonayo ngeke babone mehluko kumuntu ojwayelekile. Le ndlela yokubukeka evamile nobuntu obuvamile kwanele Kuye ukuze enze umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini obuvamile. Inyama Yakhe imvumela ukuba enze umsebenzi Wakhe ebuntwini obuvamile, bese imsiza ukuthi enze umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu, futhi ubuntu Bakhe obuvamile, phezu kwalokho, bumsiza ukuba enze umsebenzi wensindiso phakathi kwabantu. Nakuba ukubukeka Kwakhe ngendlela evamile kubangele ukudideka okukhulu kubantu, ukudideka okunjalo akuwuphazamisanga kakhulu umthelela ojwayelekile womsebenzi Wakhe kubantu. Ngamafuphi, umsebenzi wenyama Yakhe evamile umzuzisa kakhulu umuntu. Nakuba abantu abaningi bengabamukeli ubuntu Bakhe obuvamile, umsebenzi Wakhe usengathela, futhi le mithelela itholakala ngenxa yobuntu obuvamile. Kulokhu akunakungabaza. Ngomsebenzi Wakhe esesimweni somuntu, umuntu uzuza izinto eziphindwe kashumi noma kaninginingi kunemicabango ekhona phakathi kwabantu ngobuntu bakhe obejwayelekile, futhi yonke le micabango ekugcineni izogwinywa umsebenzi Wakhe. Futhi umthelela umsebenzi Wakhe osuwufezile, okusho ukuthi, ulwazi umuntu analo Ngaye, uyedlula kude imicabango yomuntu Ngaye. Akunakwenzeka ukuba uwubone ngeso lengqondo noma uwulinganise umsebenzi awenza esesimweni somuntu, ngoba inyama Yakhe ayifani neyanoma imuphi umuntu wenyama, nakuba ingxenye engaphandle ifana ncamashi, isiqu asifani. Inyama Yakhe yenza ibe miningi imicabango kubantu mayelana noNkulunkulu, kodwa inyama Yakhe ingenza umuntu athole ulwazi oluningi, futhi inganqoba noma imuphi umuntu onengxenye efanayo yangaphandle. Ngoba akayena nje umuntu kuphela, kodwa unguNkulunkulu onengxenye engaphandle yomuntu, futhi akekho ongazi imfihlakalo noma ongamqonda ngokugcwele. UNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki uyathandwa futhi wemukelwa yibo bonke. Uma uNkulunkulu nje ewuMoya ongabonwa umuntu, kulula kumuntu ukuba akholwe kuNkulunkulu. Umuntu angayikhulula imicabango yakhe, angakhetha noma yisiphi isithombe asithandayo njengesithombe sikaNkulunkulu ukuze azijabulise futhi azenze athokoze. Ngaleyo ndlela, umuntu angenza noma yini ejabulisa kakhulu kuNkulunkulu wakhe, okuyinto lo Nkulunkulu azimisele ukuyenza, ngaphandle kokwesaba. Okukhulu nakakhulu, umuntu ukholwa ukuthi akekho oqotho nozinikele kuNkulunkulu okudlula yena, nokuthi bonke abanye bayizinja ezingabezizwe futhi abathembekile kuNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi yilokho okufunwa yilabo abanezinkolelo ezingaqondakali kuNkulunkulu futhi ezisekelwe ezimfundisweni; abakufunayo konke kuthi akufane, kunomehluko nje omncane. Kumane kuwukuthi umfanekiso kaNkulunkulu ezingqondweni zabo uhlukile, kodwa isiqu sabo siyafana.

Umuntu akahlupheki ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu kholwaokungenakunaka futhi ukholwa kuNkulunkulu ngendlela ethandwa nguye. Leli elinye “lamalungelo nenkululeko yomuntu,” okungenamuntu ongagxambukela kulo, ngoba umuntu ukholwa kuNkulunkulu wakhe, hhayi kuNkulunkulu womunye; lokho kuyimpahla yakhe yedwa, futhi wonke umuntu unalo lolu hlobo lwempahla. Umuntu le mpahla uyibheka njengengcebo eyigugu, kodwa kuNkulunkulu ayikho into ephansi nengafaneleki eyedlula lokho ngoba alukho uphawu lokumelana noNkulunkulu olucace kunakule mpahla yomuntu yangasese. Kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu owenza uNkulunkulu abe inyama enesakhiwo esithintekayo futhi oze abonwe futhi athintwe ngumuntu. Akawona uMoya ongenasimo, kodwa uyinyama engathinteka futhi ibonwe umuntu. Nokho, onkulunkulu abaningi abantu abakholwa kubo abanayo inyama futhi abanaso isimo. Ngale ndlela, uNkulunkulu osesimweni somuntu usephenduke isitha sabantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu, futhi labo abangeke balamukele iqiniso likaNkulunkulu osesimweni somuntu, nabo, ngokufanayo sebebe izitha zikaNkulunkulu. Umuntu unemicabango, hhayi nje ngenxa yendlela yakhe yokucabanga, noma ngenxa yokuhlubuka kwakhe, kodwa ngenxa yale mpahla yomuntu. Abantu bafa ngenxa yale mpahla yomuntu, futhi inguNkulunkulu ongaqondakali ongenakuthintwa, ongeke abonakale, futhi ongekho eqinisweni lokho okonakalisa ukuphila komuntu. Ukuphila komuntu akonakaliswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi akonakaliswa nangengozi uNkulunkulu osezulwini, kodwa nguNkulunkulu osemicabangweni yabantu. Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala. Nakuba uMoya uyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu, umsebenzi ofana nalo ungenziwa kuphela inyama Yakhe. Uma uMoya usebenze wodwa, umsebenzi Wakhe-ke ngeke usebenze ngokunomthelela—leli yiqiniso elimsulwa. Nakuba abantu abaningi sebephenduke izitha zikaNkulunkulu ngenxa yale nyama, lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi Wakhe, labo abamelene Naye ngeke bayeke kuphela ukuba izitha Zakhe, kodwa kuyokwenzeka okuphambene ngokuthi babe ofakazi Bakhe. Bayoba ofakazi abanqotshwe Nguye, ofakazi abafanelekayo Kuye futhi abangehlukaniseki Naye. Wenza ukuba umuntu azi ukubaluleka komsebenzi Wakhe kumuntu esenyameni yomuntu, futhi umuntu kufanele akwazi ukubaluleka kwale nyama enjongweni yokuba khona komuntu, azi indima Yakhe yangempela ekukhuleni kokuphila komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, azi ukuthi le nyama iyoba umthombo ophilayo wokuphila umuntu angeke akwazi ukwahlukana nakho. Nakuba inyama kaNkulunkulu ikude kakhulu nokufana nomfanekiso nesikhundla sikaNkulunkulu, futhi kumuntu ibonakala ingafanelani nesikhundla Sakhe sangempela, le nyama, engasivezi ngempela isithombe esicacile sikaNkulunkulu, noma isiqu sangempela sikaNkulunkulu, ingenza umsebenzi uMoya kaNkulunkulu ongeke ukwazi ukuwenza ngokuqondile. Kunjalo ukubaluleka nomsebenzi wangempela wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi yilokhu kubaluleka nokuba nomsebenzi kwakho umuntu angakwazisi futhi angakuvumi. Nakuba bonke abantu bephakamisa uMoya kaNkulunkulu futhi bebukela phansi inyama kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi babuka kanjani futhi bacabangani, ukubaluleka kwangempela nokuba yigugu kwenyama kukudlula kude okoMoya. Empeleni, lokhu kumayelana nesintu esikhohlakele kuphela. Kuwo wonke umuntu ofuna iqiniso futhi olangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu, umsebenzi kaMoya unganika kuphela ukunyakaziseka nesambulo, nomuzwa wokumangala ongachazeki futhi ongacabangeki, futhi nomuzwa wokuthi mkhulu, uphakeme, futhi uyaziseka, kodwa akufikeki kuwo futhi awutholakali nhlobo. Umuntu noMoya kaNkulunkulu bengabukelana kude kuphela, sengathi kunebanga elide phakathi kwabo, futhi abasoze bafana, sengathi bahlukaniswe umngcele ongabonakali. Eqinisweni, lokhu ukulutheka umuntu akunikwe uMoya, okubangelwa ukuthi umuntu noMoya abalona uhlobo olulodwa, futhi uMoya nomuntu abasoze baphila ndawonye emhlabeni owodwa, nokuthi uMoya awunalutho lomuntu. Ngakho umuntu akawudingi uMoya, ngoba uMoya awukwazi ukwenza ngokuqondile umsebenzi odingwa kakhulu umuntu. Umsebenzi wenyama unikeza umuntu imigomo yangempela angayilandela, amazwi acacile, nomuzwa wokuthi ungokoqobo futhi ujwayelekile, uthobekile futhi uvamile. Nakuba umuntu angase amesabe, kubantu abaningi kulula ukuzwana naye: Umuntu angabubona ubuso Bakhe, ezwe izwi Lakhe, futhi akadingeki ukumbukela kude. Le nyama izwakala kusondeleka kuyo, ayikude, akulukhuni ukuyiqonda, kodwa iyabonakala futhi iyathinteka, ngoba le nyama isemhlabeni owodwa nomuntu.

Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. UNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu okungangena esikhundleni salezi zinto ezingaqondakali nezinamandla angaphezu kwavamile ukwenza abantu ukuba bamazi kancane kancane, futhi lokhu kungafezwa ngale ndlela kuphela. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. Empeleni, uMoya kaNkulunkulu nawo awukwazi ukufeza lokhu. UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama. Umsebenzi odinga ukwenziwa uMoya ngokuqondile awumdingi uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi umsebenzi owenziwe inyama ngeke uqondiswe uMoya, kodwa ungenziwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu. Yilokhu okudingekayo kulo msebenzi, futhi nokudingwa yisintu esikhohlakele. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, sisodwa isigaba esenziwa siqondiswa uMoya, futhi ezinye izigaba ezimbili zaziqondiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, zingaqondiswa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi womthetho owenziwa uMoya wawungabandakanyi ukushintsha isimo esikhohlakele somuntu, futhi awuzange udinge noma yiluphi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu. Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.

Umuntu wonakaliswe uSathane, futhi uyisidalwa sikaNkulunkulu esiphakeme kunezinye, ngakho umuntu udinga ukusindiswa uNkulunkulu. Injongo yokusindisa kukaNkulunkulu ngumuntu, hhayi uSathane, futhi into okufanele isindiswe inyama yomuntu kanye nomphefumulo wakhe, hhayi udeveli. USathane uyena uNkulunkulu ahlose ukumbhubhisa, umuntu uyinjongo yensindiso kaNkulunkulu, futhi inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, ngakho okusindiswa kuqala kufanele kube inyama yomuntu. Inyama yomuntu yonakaliswe kakhulu, futhi ibe yinto emelene noNkulunkulu, emelana ngisho ngokusobala noNkulunkulu futhi ize iphike ubukhona bukaNkulunkulu. Le nyama eyonakele ayinakulawuleka, futhi ayikho into okunzima ukubhekana nayo noma ukuyiguqula ukwedlula isimo esonakele senyama. USathane ufike aphazamise inyama yomuntu, futhi asebenzise inyama yomuntu ukuze aphazamise umsebenzi kaNkulunkulu kanye nohlelo lukaNkulunkulu, ngaleyo ndlela umuntu agcine esephenduke uSathane, kanye nesitha sikaNkulunkulu. Ukuze umuntu asindiswe, kumele aqale anqotshwe. Kungenxa yalokhu ukuthi uNkulunkulu amukele inselelo bese eba senyameni ukuze enze umsebenzi ahlose ukuwenza futhi alwe impi noSathane. Injongo Yakhe ukusindiswa kwesintu, esonakalisiwe, nokunqotshwa nokubhjiswa kukaSathane, ohlubuka Kuye. Unqoba uSathane ngomsebenzi Wakhe wokunqoba abantu, aphinde asindise isintu esonakele ngaso leso sikhathi. Ngalokho, uNkulunkulu usombulula izinkinga ezimbili ngesikhathi esisodwa. Usebenza enyameni, akhulume enyameni, futhi enze wonke umsebenzi enyameni ukuze axhumane kangcono nomuntu futhi amnqobe kangcono umuntu. Isikhathi sokugcina uNkulunkulu aba kuso yinyama, umsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina uyophothulwa enyameni. Uyohlukanisa bonke abantu ngokwezinhlobo zabo, asonge wonke lo msebenzi wokuphatha, futhi aqede wonke umsebenzi Wakhe enyameni. Ngemva kokuphela kwawo wonke lo msebenzi Wakhe wasemhlabeni, uyoba ngumnqobi ngokuphelele. Esebenza enyameni, uNkulunkulu uyobe esesinqobe ngokuphelele isintu, futhi esesizuzile isintu. Ingabe lokho akusho yini ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uyobe usufike ekugcineni? Lapho uNkulunkulu ephothula umsebenzi Wakhe wokuphatha enyameni, njengoba ehlule uSathane futhi wamnqoba, uSathane ngeke esaba nalo elinye ithuba lokonakalisa isintu. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqala esesimweni somuntu kwakuwukuhlengwa nokuthethelelwa kwezono zomuntu. Manje sekuwumsebenzi wokunqoba nokuzuza isintu ngokugcwele, ukuze uSathane engabe esaba nayo enye indlela yokwenza umsebenzi wakhe, futhi uyobe esehlulwe ngokuphelele, uNkulunkulu uyobe esenqobe ngokuphelele. Lona umsebenzi wenyama, futhi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokuqala wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wenziwa uMoya, hhayi inyama. Umsebenzi wokugcina wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, wona wenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, awenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wokuhlenga wesigaba esiphakathi nawo wenziwa inyama kaNkulunkulu. Kuwoi wonke umsebenzi wokuphatha, umsebenzi obaluleke kakhulu umsebenzi wokusindisa abantu ethonyeni likaSathane. Umsebenzi ophambili ukunqotshwa okuphelele komuntu okhohlakele, ngaleyo ndlela kubuyiselwe esimweni esiyiso ukuhlonipha kwasekuqaleni uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu onqotshiwe, futhi avunyelwe ukuba aphile ukuphila okujwayelekile, okuwukuthi, ukuphila okujwayelekile kwesidalwa sikaNkulunkulu. Lo msebenzi ubucayi futhi uwumgogodla womsebenzi wokuphatha. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso, isigaba sokuqala somsebenzi womthetho sasikude nomongo womsebenzi wokuphatha; sasinenswebu encane yomsebenzi wokusindisa, futhi sasingesona isiqalo somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Isigaba sokuqala somsebenzi senziwa uMoya ngokuqondile, ngenxa yokuthi ngaphansi komthetho, umuntu wayazi kuphela ukunamathela emthethweni, wayengenalo iqiniso elengeziwe, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi weNkathi Yomthetho kwakwethukela uhlanganisa izinguquko esimweni somuntu, kuncane kakhulu okwakubandakanyekile emsebenzini wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Ngakho uMoya kaNkulunkulu waqeda lesi sigaba esiphakeme somsebenzi esasingahlanganisi isimo esikhohlakele somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sazala ubuhlobo emsebenzini owumgogodla wokuqondisa, futhi asihlanganisi lutho olutheni emsebenzini osemthethweni wensindiso, futhi awudingi ukuba uNkulunkulu abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi owenziwe uMoya awuqondakali kalula, futhi uyesabeka kumuntu; kunzima ngoMoya ukuba uqondise umsebenzi wensindiso, nokunikeza umuntu ukuphila ngokuqondile. Okufaneleka kakhulu ngomuntu ukuba aguqule umsebenzi kaMoya uvumelane naye, okusho ukuthi, lokho okufaneleka kumuntu ukuthiuNkulunkulu abe umuntu ojwayelekile, ovamile ukuze enze umsebenzi Wakhe. Lokhu kudinga uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza umsebenzi kaMoya, futhi kumuntu ayikho indlela efanelekayo yomsebenzi kaNkulunkulu. Phakathi kwalezi zigaba ezintathu, izigaba ezimbili zenziwa inyama, futhi lezi zigaba ezimbili ziwumgogodla womsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa. Ababili abasamuntu bayaphelelisana. Isigaba sokuqala sikaNkulunkulu osesimweni somuntu sabeka isisekelo sesigaba sesibili, futhi kungashiwo ukuthi oNkulunkulu ababili abasamuntu bayaphelelisana, futhi bayavumelana. Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa uNkulunkulu ngomzimba Wakhe wenyama ngoba zibaluleke kakhulu emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha. Kungacishe kushiwo ukuthi, ngaphandle komsebenzi woNkulunkulu ababili abasamuntu, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ubuyoma nse futhi umsebenzi wokusindisa isintu uyoba izinkulumo nje ezingasho lutho. Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi wakhe, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama. Kunokubaluleka nezisekelo ezisesigabeni ngasinye somsebenzi. Aziyona nje imicabango engasekelwe ndawo, futhi azenziwa nje ngokungalandeli mgomo; kunokuhlakanipha okuthile kuzo. Linjalo iqiniso elisemva kwawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokukhethekile, kunohlelo oluthe xaxa lukaNkulunkulu emsebenzini onjalo njengoba uNkulunkulu osesimweni somuntu esebenza mathupha Phakathi kwabantu. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nobuyena bonke kuvezwe kuzo zonke izenzo Zakhe, ukucabanga, umqondo ekusebenzeni; lokhu kungubunjalo bukaNkulunkulu obuphathekayo futhi obinohlelo. Le micabango nemicabango ecashile inzima kakhulu ukuba umuntu ayicabange, futhi kunzima kumuntu ukuba ayikholwe, ngaphezu kwalokho, kunzima ukuthi umuntu ayazi. Umsebenzi owenziwe umuntu ungowemigomo evamile, ngokomuntu, okwenelisa kakhulu. Kodwa uma uqhathaniswa nomsebenzi kaNkulunkulu, kuba nomehluko omkhulu; nakuba izenzo zikaNkulunkulu zinkulu futhi umsebenzi kaNkulunkulu usezingeni elikhulu, emva kwawo kunezinhlelo namalungiselelo okuncanyana nokuqonde ngqo umuntu angenakukucabanga. Zonke izigaba zomsebenzi womuntu azisekelwe emgomeni kuphela, kodwa futhi ziphethe izinto eziningi ezingeke zikhulumeke ngolimi lwabantu, futhi lezi izinto ezingabonakali emehlweni omuntu. Kungakhathaleki ukuthi umsebenzi kaMoya noma kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ngamunye uqukethe izinhlelo zomsebenzi Wakhe. Akasebenzi ngokungenasisekelo, futhi akenzi umsebenzi ongabalulekile. Lapho uMoya usebenza ngokuqondile kusuke kungenxa yemigomo Yakhe, futhi lapho eba umuntu (okungukuthi, lapho eguqula ingxenye Yakhe yangaphandle) ukuze asebenze, kusuke kungokwenjongo Yakhe kakhulu. Kungani okunye eguqula isiqu Sakhe kalula nje? Kungani okunye eba umuntu obhekwa njengophansi futhi ohlushwayo?



 

umthombo Izwi Livela Lisenyameni

 

buka okuningi: iziprofetho zeBhayibheli