Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo. Isizathu esibanga umuntu ngokungaqondi, acabange ukuthi uNkulunkulu umxwaya ngamabomu, nokuthi uNkulunkulu usicashele ngamabomu isintu, ukuthi uNkulunkulu akananhloso yokuvumela umuntu ukuthi amqonde futhi amazi, ukuthi akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, futhi akafisi ukuqonda uNkulunkulu; nangaphezu kwalokho, akazihluphi ngemicabango, amazwi noma izenzo zoMdali…. Uma sikhuluma iqiniso, uma umuntu esebenzisa isikhathi esingatheni, ukubhekisisa futhi aqonde amazwi noma izenzo zoMdali futhi athi ukulalela imicabango nephimbo le nhliziyo yoMdali, ngeke kube nzima ukubona ukuthi imicabango, amazwi kanye nezenzo zoMdali ziyabonakala futhi zisobala. Ngokunjalo, kuzothatha ukuzikhandla okuncane ukubona ukuthi uMdali uphakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi, nokuthi uhlala exoxisana nomuntu kanye nendalo iyonkana, nokuthi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku. Ingqikithi nesimo Sakhe kubonakaliswa engxoxweni Yakhe nomuntu; imicabango nemibono Yakhe iyavezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe; uyaphelekezela futhi abuke isintu ngaso sonke isikhathi. Uyakhuluma buthule nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile: Ngigadile; Ngilindile; Ngeseduze nawe…. Izandla zakhe zifudumele futhi zinamandla; izinyathelo Zakhe zilula; iphimbo Lakhe liphansi futhi lihle; isiqu Sakhe siyadlula futhi sijike, samukela sonke isintu; ubuso Bakhe buhle futhi bumnene. Akakaze ahambe, futhi akakaze anyamalale. Kusukela entathakusa kuze kuyohwelela, ungumngane wesintu oselokhu ekhona njalo. Ukunakekela ngokuzinikela Kwakhe nothando olukhethekile analo ngesintu, kanye nokunaka nothando lweqiniso analo ngomuntu, kwabonakala kancane kancane lapho Esindisa umuzi waseNineve. Ikakhulu, ingxoxo phakathi kwaNkulunkulu uJehova noJona yadalula kakhulu uzwelo loMdali ngesintu Ayesidalile Yena uqobo. Ngala mazwi ungathola ukuqonda ukujulile lwemizwa eqotho esuka enhliziyweni ngesintu…

 

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

 

Okulandelayo kubhalwe eNcwadini kaJona 4:10-11: “Wayesethi uJehova, Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga; owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye: mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; kanye nezinkomo eziningi na?” Lawa ngamazwi ongoqobo kaNkulunkulu uJehova, ingxoxo phakathi Kwakhe no Jona. Noma le ngxoxo imfushane, igcwele iyachichima ngokunakekela koMdali ekhathalele isintu kanye nokuba madolonzima Kwakhe ukusiyekelela. La mazwi abonakalisa isimo sengqondo nemizwa yeqiniso uNkulunkulu ayigcina enhliziyweni Yakhe ngendalo Yakhe, futhi ngala mazwi acacile, amazwi angavamile neze ukuzwiwa umuntu, uNkulunkulu ubeka obala izinhloso Zakhe zeqiniso ngesintu. Le ngxoxo ikhombisa isimo sengqondo uNkulunkulu abenaso ngabantu baseNineve-kodwa isimo sengqondo esinjani lesi? Kwabe kuyisimo sengqondo ayenaso ngabantu baseNineve ngaphambili nangemuva kokuphenduka kwabo. UNkulunkulu uphatha isintu ngendlela efanayo. Kula mazwi umuntu angayithola imicabango Yakhe, kanye nesimo Sakhe.

Imiphi imicabango kaNkulunkulu evezwa kula mazwi? Ukufunda ngokucophelela kuveza ngokushesha ukuthi usebenzisa igama “isihawu”; ukusebenzisa leli gama kukhombisa isimo sengqondo seqiniso sikaNkulunkulu ngomuntu.

Uma sibuka ngokwesayensi yokuchaza amagama, umuntu angalichaza igama “isihawu” ngezindlela ezihlukene: okokuqala, ukuthanda nokuvikela, ukuba no zwelo ngento ethile; okwesibili, ukuthanda kakhulu; okukugcina, ukungafuni ukulimaza leyonto futhi ukungakwazi ukumela ukukwenza lokho. Ngamafuphi, lichaza uthando olunobubele, nolungafuni ukuyeka umuntu noma into; lichaza isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu kumuntu. Nakuba uNkulunkulu wasebenzisa igama elivamile ukushiwo phakathi kwabantu, ukusebenzisa leli gama kweneka iphimbo lenhliziyo kaNkulunkulu kanye nesimo sengqondo Yakhe ngomuntu.

Nakuba umuzi waseNineve wawugcwele abantu ababekhohlakele, bebabi futhi benodlame njengabaseSodoma, ukuphenduka kwabo kwadala ukuthi uNkulunkulu ashintshe inhliziyo Yakhe futhi anqume ukungababhubhisi. Ngoba ukuphendula kwabo emazwini nemiyalo kaNkulunkulu kwakhombisa isimo sengqondo esihluke kude le kuleso sezakhamizi zaseSodoma, futhi ngenxa yokuzithobela kwabo kweqiniso uNkulunkulu nokuphenduka kwabo kweqiniso ezonweni zabo, kanye nokuziphatha okusuka enhliziyweni nokungeqiniso ngazo zonke izindlela, uNkulunkulu waphinda wakhombisa isihawu esisuka enhliziyweni Yakhe futhi wabanika sona. Umvuzo kaNkulunkulu kanye nesihawu Sakhe ngesintu, akekho angakwazi ukukulingisa; akekho umuntu ongaba nesihe nokubelezelela kukaNkulunkulu noma imizwa Yakhe eqotho ngesintu. Ukhona umuntu ombona njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma indoda enamandla amakhulu, ongakhulumela endaweni ephakeme kakhulu, ekhuluma njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma esicongweni, ongasho la mazwi esintwini noma endalweni? Ubani phakathi kwesintu ongazi isimo sokuphila sesintu njengentende yesandla sakhe? Ubani ongathwala inkathazo nomthwalo wokubhekela ukuba khona kwesintu? Ubani ongamemezela ukubhujiswa komuzi? Futhi ubani angakwazi ukuxolela umuzi? Ubani ongathi uyayazisa kakhulu indalo yakhe? UMdali kuphela! UMdali kuphela onesihawu ngesintu. UMdali kuphela okhombisa isintu ububele nothando. UMdali kuphela onothando lweqiniso olungenakuphuka ngalesi sintu. Ngokunjalo, uMdali kuphela onganika isintu isihe futhi azise indalo Yakhe. Inhliziyo Yakhe iyagxuma futhi iqaqambe ngazo zonke izenzo zomuntu: Uyathukuthela, ahlupheke futhi adabuke ngenxa yobubi bomuntu nenkohlakalo; uyajabula, aname, athethelele futhi asase ngenxa yokuphenduka nokukholwa komuntu; yonke imicabango nemibono Yakhe iphathelene nesintu; lokho Ayikho nalokho Anakho kubonakaliselwa isintu seku konke; imizwelo Yakhe isiyonke ithandelene nokuba khona kwesintu. Ngenxa yesintu, Uyahamba, abe phansi phezulu; unikela konke ukuphila Kwakhe buthule; unikela yonke imizuzu nemizuzwana yempilo Yakhe…. Akakaze akwazi ukuba nesihawu ngempilo Yakhe uqobo, kepha kade ayenesihawu futhi azisa isintu asidala Yena uqobo Lwakhe…. Unika konke anakho kulesi sintu…. Unika isihe nokubekezelela okungenamigomo futhi ngaphandle kokulindela ukukhokhelwa. Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu siqhubeke siphile phambi kwamehlo Akhe, samukela ukuhlinzeka Kwakhe; Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu ngelinye ilanga sizithobe phambi Kwakhe futhi sibone ukuthi Nguye owondla ukubukhona komuntu futhi anike impilo yoyo yonke indalo.

 

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu.

ukulalela uNkulunkulu,uKristu,

 

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

 

Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo. Enhliziyweni yami, ngicabangile ukuthi kungaba kuhle kangakanani uma ngelinye ilanga esikhathini esizayo ngingezwa izintshumayelo zikaKristu, kodwa-ke phela ukumbona Yena kungaba kuhle kakhulu. Kodwa kamuva nje, ngokulalela ukuhlanganyela Naye, sengiba nomuzwa ojulile enhliziyweni yami wokuthi angifanelekile ukubona uKristu.

Kwakungenkathi kushicilelwa Izintshumayelo Nokuhlanganyela Mayelana Nokungena Empilweni Imiqulu 1-3. Ngenkathi ngizwa eyokuqala, ngezwa sengathi indoda eyasetshenziswa uMoya oNgcwele yakhuluma kahle kakhulu. Ngenkathi ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu emqulwini wesibili (lokhu kwakungaphambi kokuba kube khona ongitshela ngokuthi lokhu kwakungukuhlanganyela kukaKristu), ngacabanga ukuthi lesi sikhulumi sasingumholi nje ngaphansi komlisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele, futhi ikakhulukazi ngenkathi uKristu ehlanganyela mayelana nenkinga yokuthi lubukwa kanjani ulwazi, angiyizwanga impendulo enomdlandla yodadewethu nabafowethu, ngakho ngaba nesiqiniseko sokuthi ngangiqagele kahle, futhi ngezwa sengathi lesi sikhulumi asikhulumanga kahle njengowesilisa owayesetshenziswe nguMoya oNgcwele, ngangingalalele ngokuqikelela. Emva kokuzwa umbhalo wesithathu, emva kokuhlanganyela kowesilisa owayesetshenziswe nguMoya oNgcwele, ngezwa uKristu ethi, “Mayelana nokuhlanganyela komfowethu kwamanje nje…,” lapho ngaba nokuqiniseka okukhulu ukuthi uKristu wayengumholi ngaphansi kwalo wesilisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele, ngoba emhlabeni wethu, abaholi bakhuluma kuqala ngaso sonke isikhathi, abangaphansi kwabo bese belandela emva kwabo. Ngakho ngamcima owayekhuluma, ngicabanga ngithi, “Ngizobuye ngikulalele lokhu uma senginesikhathi.” Ngosuku engathola ngalo ukuthi empeleni kwakuwukuhlanganyela kukaKristu ngethuka kakhulu, futhi ekugcineni ngalalela kanzulu izwi nezwi lentshumayelo.

Emva kwalokho, ngaqala ngacabanga ngabuka emuva: Kungani ngangilangazelela kangaka ukuzizwela ukuhlanganyela kukaKristu mathupha, kodwa uma ekugcineni esekhuluma nathi, angikwazanga ukuhlaluka? Ngaqala ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu mayelana nesimo sami, futhi ngabona ukuthi uNkulunkulu wayethi, “Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa ombuka uKristu njengomuntu ojwayelekile onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile…. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; bamthatha kalula lapho benaye futhi bakhulume ngokunganaki Kuye…. Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni” (“Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Uma kuqhathaniswa namazwi kaNkulunkulu, ngase ngicabanga ukuthi esami isimo esonakele sabonakala kanjani lapho ekugcineni ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu. Ngafisa ukuzwa izintshumayelo zikaKristu kanye nokuhlanganyela ngezami izindlebe, kodwa uma ekugcineni ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu ngangakunaki. Ngabona uKristu njengomuntukazana nje. Lokhu kwakungenxa yokuthi ngangingaqondi umongo kaKristu, ngingaqondi konke lokho uKristu akugcina kuthobekile futhi akufihle, futhi nginemicabango eminingi nemizindlo mayelana noKristu. Ukuhlanganyela kukaKristu, uma ngicabanga, kufanele ukuthi kuzohambisana nokuba uKristu ememezela Ubuyena emphakathini; ukuhlanganyela kukaKristu, ngazicabangela nje, kufanele kukhulunywe ngezwi elihlukile kunamanye futhi ngamagama amaningi alukhuni, njengendoda thile emangalisayo; ukuhlanganyela kukaKristu, uma ngicabanga, kuyophelezelwa yihlombe elidumayo lodadewethu nabafowethu, futhi uma kwakuyindoda eyasetshenziswa uMoya oNgcwele noKristu bekhuluma ngokulandelana, uKristu wayezokhuluma kuqala, bese lowa wesilisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele ekhuluma ekugcineni…. Ngabeka umsebenzi wamazwi kaKristu emikhawulweni yokucabanga kwami, ngenxa yokuthi ngacabanga uKristu ngendlela ethile. Uma amaqiniso esephikisana nalokho ebengikucabanga, uKristu ngamthatha njengomuntu nje ojwayelekile, ngenkathi abanye bezuza okuningi ekuhlanganyeleni kukaKristu, angitholanga lutho, futhi kunalokho ngazambula ngokuphelele ukuzazisa kwami, ukuziqhenya, ukuzonda iqiniso, imvelo yobusathane, ngaphinda ngazenza lowo ophika nophikisana noKristu.

Kamuva, ngabona emazwini kaNkulunkulu: “Sonke isikhathi nihlale nifuna ukubona uKristu, kepha ngiyaninxusa ukuba ningazikhukhumezi kanjalo; wonke umuntu angambona uKristu, kodwa ngithi akekho okulungele ukubona uKristu. Ngenxa yemvelo yomuntu egcwele ububi, ukuzikhukhumeza, kanye nokuhlubuka, uma ubona uKristu, imvelo yakho iyokona futhi ikugwebele ekufeni” (“Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Awuhlukanga ekuqondaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini iziqondiso zikaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu? … Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu” (“Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu angenza ngaqonda ukuthi angikwazanga ukuzwa izwi likaNkulunkulu ngoba ngangiphakeme kakhulu, nginomoya wokuvukela omkhulu, nokuzazisa, ukulingeka kalula ukulalelisisa nokunqekuzisa ikhanda ngivumelane nalabo abasezikhundleni nabaphezulu, kodwa ngibe ngibukela phansi labo abangenazikhundla nakubaluleka, kangangokuthi ngisho noma bekhuluma ngokuhambisana neqiniso ngingalilaleli. Ngenkathi ngilalele ukuhlanganyela ngangingagxilile eqinisweni futhi ngingenakho ukulangazelela ukuzuza iqiniso, kodwa kunalokho nganikela ingqondo yami ekucabangeni nasekuphenyeni. Angivezanga lutho ngaphandle kokuzazi nokuvukela, imicabango nemizindlo. Umuntu ozazisayo, onomoya wokuvukela, kanye nongalemukeli iqiniso njengami, umuntu ongenakuzinikela noma ukulangazelela ngaphambi kweqiniso njengami, kwakungenzeka kanjani ukuba ngizwe futhi ngazi izwi likaNkulunkulu? Ngangifaneleke kanjani ukubona uKristu?

Ngenxa yaleso sambulo ekugcineni ngaqonda ukuthi yize noma ngangifuna ukubona uKristu, ngangingafanelekile ukumbona uKristu ngoba ukungonakalisa kukaSathane kwase kujule kakhulu, ngiyazazisa futhi nginomoya wokuvukela ngokwemvelo, anginalo iqiniso futhi anginalo uthando lweqiniso, angiqondi umongo kaKristu, ngahlulela ngomqondo ocheme ngokungenabulungiswa, nginemicabango nemizindlo, kanti uNkulunkulu engikholwa kuye usenguNkulunkulu ongakacaci, umfanekiso womuntu onamandla nohlakaniphile. Futhi uma ngibona ngokweqiniso uKristu, imibono yami ingachuma nokuzazi kwami kuqhakaze noma nini, imvelo yami yokuvukela ngaleyo ndlela bese ingilimaza. Manje kufanele ngizihlomise ngeqiniso, ngifune ukuqonda imvelo yami eyonakele kanye nomongo kaKristu emazwini kaNkulunkulu, futhi ngibe umuntu omqondayo nomkhonzayo uKristu.

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Uyemukelwa ukulalela i-South African Gospel Music online mahhala.
 

 

Dumisani,UMbuso,

 

Ekukhanyeni kwaMi, abantu babona ukukhanya futhi. Ezwini laMi, abantu bathola izinto zokujatshulelwa. Sengiqhamukile eMpumalanga futhi Ngisuka khona. Uma inkazimulo yaMi ikhanya, zonke izizwe ziyakhanya, konke kulethwa ekukhanyeni, akusali nokukodwa ebumnyameni. Embusweni, impilo yabantu bakaNkulunkulu noNkulunkulu inokujabula okungeqhathaniswe. Amanzi asinela izimpilo zabantu ezibusisekile, izintaba zithokoza nabantu ngenala yaMi. Bonke abantu bayazikhandla, besebenza ngamandla, betshengisa ukuzinikela embusweni waMi. Embusweni, akusekho kuvukelana, akusekho kuzabalaza; izulu nomhlaba kuncike kokunye, abantu naMi sisondelene futhi sizwana ngokujulile, emicimbini yempilo, sincikene…. Ngalesi sikhathi Ngiqala ngokugcweleyo impilo yasezulwini. Ukugxambukela kukaSathane akusekho, nabantu bangena ekuphumuleni. Kuwo wonke umhlaba, abakhethiwe baMi baphila enkazimulweni yaMi, babusiseke ngokungeqhathaniseke, hhayi njengabantu bephila phakathi kwabantu, kodwa njengabantu bephila noNkulunkulu. Wonke umuntu useke wathintwa wukonakala kukaSathane, wezwa ukubaba kwempilo nobumnandi. Manje ekuphileni ekukhanyeni kwaMi, yini engenza umuntu angathokozi? Umuntu angawuziba kanjani lo mzuzu omuhle kanje awudedele wedlule? Bantu! Manje culani amaculo ezinhliziyweni zenu niNgisinele! Manje phakamisani izinhliziyo zenu ezimsulwa nizinikele kiMi! Manje shayani izigubhu niNgidlalele! Ngikhanyisela intokozo emhlabeni wonke! Ngikhombisa abantu ubuso baMi obukhazimulayo! Ngizondindizela! Ngizowedlula umhlaba! SeNgiyabusa phakathi kwabantu! Ngiphakanyisiwe ngabantu! Ngintweza esibhakabhakeni esiluhlaza, nabantu bahamba naMi. Ngihamba phakathi kwabantu nabantu baMi baNgizungezile! Izinhliziyo zabantu ziyathokoza, amahubo abo azamazamisa umhlaba, ebhodloza isibhakabhaka! Umhlaba awusemboziwe yinkungu; akusekho ludaka, awusaqoqani udoti. Bantu abangcwele bomhlaba! Ekuhloleni kwaMi ubuso benu beqiniso buyembulwa. Anibona abantu abembozwe wukungcola, kodwa ningabangcwele abacwebe njengeJayidi nonke ningabathandwa baMi, nonke niyinjabulo yaMi. Zonke izinto zibuyela ekuphileni! Bonke abangcwele babuyele emazulwini bekhonza Mina, bengena ekusingatheni kwaMi okufudumele, bengasakhali, bengasakhathazeki, bezinikela kiMina, bebuyela ekhaya laMi, futhi ezweni labo bayoNgithanda ngokungaseyukuphela! Okungaguquki! Luphi usizi! Ziphi izinyembezi! Iphi inyama! Umhlaba awusekho; amazulu aphakade. Ngiyavela kuzo zonke izizwe, futhi zonke izizwe zidumisa Mina. Le mpilo, lobu buhle, kusuka esikhathini esingaziwa kuze kube nanini, ngeke kuguquke. Yilena impilo embusweni.

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Ulwazi Oluthandwayo: South African Gospel Choir Song | "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni"

South African Gospel Choir Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 4: Bonke Abantu Bavuswa NguNkulunkulu (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

Phakathi kwabantu, ngubani ophila ebuhlungwini futhi obekezelele izinkulungwane zeminyaka yokukhohlakala kukaSathane, ongalangazeleli—ongafisi—ukufika kukaNkulunkulu? Mangaki amakholwa nabalandeli baNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, ngaphansi kwethonya likaSathane, ababekezelele ukuhlupheka nobunzima, ukushushiswa nokulahlwa? Ngubani ongenathemba lokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika masinyane? Emva kokuzwa injabulo nosizi lwesintu, ngubani esintwini ongalangezeleli ukuba iqiniso nokulunga kube yikho okunamandla phakathi kwabantu?

Lapho umbuso kaNkulunkulu ufika, usuku olulindwe ngabomvu yizo zonke izizwe nabantu luyofika ekugcineni! Ngaleso sikhathi, yikuphi okuyobonakala phakathi kwazo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni? Iyoba yinhle kangakanani impilo embusweni? Ngencwadi ethi “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” imithandazo yeminyaka eyizinkulungwane izofezeka! 

 

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

 

Listen to this stirring gospel choir song to celebrate the coming of God. Watch now and enjoy the exciting moment.

 

Ihubo lombuso

Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!

Ngubani ngempela emhlabeni ongasukuma azabalaze? Njengoba ngehlela emhlabeni ngiletha umlilo, ngiletha ulaka, ngiletha izinhlekelele. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso waMi! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayagomonqeka akhukhumale; ngaphansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula kuyaqubuka kuphehle imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emigodini yazo, bonke abalalayo bayavuswa yiMi. Usuku bonke abantu ababekade belulindele seluze lwafika! Bangihubela amaculo amnandi ngokwedlulele! Kulo mzuzu omuhle, kulesi sikhathi esimnandi, amazulu phezulu nakho konke okungaphansi kwezulu manje kuyadumisa. Ngubani ongejatshuliswe yilokhu?

Ngubani ongethokoze ngalokhu? Ngubani ongekhale ngalesi senzakalo?

Isibhakabhaka asisenjengakuqala, manje sekuyisibhakabhaka sombuso.

Umhlaba akusewona umhlaba owawuyiwo, manje sekuwumhlaba ongcwele.

Lapho sekwedlule uzamcolo, umhlaba omdala ongcolile usuguqulwe ngokuphelele.

Izintaba ziguquka ... amanzi eguquka....

Abantu nabo beguquka ... zonke izinto ziguquka ...

Zintaba ezithule! Ngisineleni!

Manzi amileyo! Gobhozani!

Madoda aleleyo! Sukumani kwenikulangazelelayo!

Sengifikile... Futhi ngiyabusa ...

Bonke bayobubona ngamehlo abo ubuso baMi, bonke bayolizwa ngezindlebe zabo izwi laMi, Bazizwele bona impilo yasembusweni...

Imnandi kangaka ... inhle kangaka ...

Ayikhohlakali ... ayikhohlakali ...

Ekuvutheni kolaka lwaMi, udrako omkhulu obomvu uthwala kanzima;

Ekwahluleleni kwami kobukhosi, odeveli bakhombisa ubunjalo babo bangempela;

Emagameni ami aqinile, bonke bashaywa ngamahloni,

Bengalingi nokuveza ubuso babo.

Bekhumbula isikhathi esedlule, ukuthi babengibhuqa kanjani,

Belokhu bebukisa, behlala bengedelela.

Namuhla, ngubani ongeke akhale? Ngubani ongezwa ukuzisola?

Umhlaba wonke ugcwele izinyembezi ...

Ugcwele imisindo yenjabulo ... ugcwele uhleko ...

Intokozo engenakuqhathaniswa ... intokozo engenakuqhathaniswa ...

Imvula elula ikhwifiza...iqhwa eliningi liphephezelela phansi ...

Abantu bexuba usizi nentokozo ... abanye behleka ...

Abanye bechiphiza ... abanye bememeza ngenjabulo ...

Kusengathi abantu sebekhohliwe ... ukuthi yintwasahlobo ehlomile nenemvula,

Ihlobo lezimbali eziqhakazile, ikwindla yesivuno esiyinala,

Ubusika obuqanda njengeqhwa nesithwathwa, akekho owaziyo ...

Esibhakabhakeni amafu ayantanta, emhlabeni izilwandle ziyagubha.

Amadodana aphakamisa izingalo zawo ... abantu banyakazisa izinyawo zabo besina ...

Izingelosi zisemsebenzini ... izingelosi ziyelusa ...

Abantu bomhlaba bayaphithizela, zonke izinto emhlabeni ziyanda.

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Listen to this stirring gospel choir song to celebrate the coming of God. Watch now and enjoy the exciting moment.

 

UMoya oNgcwele,Umthandazo,

 

UQin Shuting edolobheni laseLinyi, esiFundazweni saseShandong


Esikhathini eside, yize noma ngangingayekanga ukudla nokuphuza amanzi kaNkulunkulu, kodwa ngangingakaze ngikuzwe ukukhanya. Ngangiye ngakhuleka kuNkulunkulu ngikhulekela lokhu kodwa, kamuva, ngangingakakhanyiseleki. Ngakho ngacabanga, “Ngidlile futhi ngaphuza lokho obekufanele futhi uNkulunkulu akangikhanyiseli. Ayikho into engingayenza, futhi anginawo amandla okwamukela amazwi kaNkulunkulu. Kunesikhathi sikaNkulunkulu sokukhanyisela umuntu ngamunye, ngakho akunasizathu sokuzama ukukuphangisa lokhu.” Emva kwalokho, ngagcina imithetho futhi ngadla ngaphuza amazwi kaNkulunkulu ngaphandle kokuxhamazela, “ngesineke” ngilindele ukukhanyisela kukaNkulunkulu.

Kwaze kwathi ngelinye ilanga, ngafunda la mazwi kaNkulunkulu: “Kulapho inhliziyo yakho inokuthula phambi kukaNkulunkulu, lapho ukufuna kwakho iqiniso kanye noshintsho esimweni sakho kuyoba nezithelo. Ngenxa yokuthi uza uthwele phambi kukaNkulunkulu, futhi uhlale uzwa sengathi untula okuningi, ukuthi kunamaqiniso amaningi okudingeka uwazi, izinto eziningi okusafanele uzizwe, futhi kufanele ayinake ngazo zonke izindlela intando kaNkulunkulu. Lezi zinto zihlale zisengqondweni yakho, kufana nokuthi zikucindezela kakhulu ngezinga lokuthi awukwazi nokuphefumula, kanjalo uzwa inhliziyo isinda (kodwa hhayi kabi). Abantu abafana nalaba kuphela okufanele bamukele ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu futhi bathintwe uMoya kaNkulunkulu. Kungenxa yomthwalo wabo, ngoba banezinhliziyo ezisinda kakhulu, futhi kungashiwo ukuthi ngenxa yenani abalikhokhile nokuhlukumezeka abakubekezelele phambi kukaNkulunkulu, ukuthi bathola ukukhanyiselwa nokucaciselwa uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akaphathi muntu ngokukhetha, uhlale enobulungiswa endleleni aphatha ngayo abantu, kodwa futhi akakhethi elungiselelweni Lakhe labantu, akazehlisi ngokungadingekile kubo. Lolu olunye uhlangothi lwesimo Sakhe sokulunga” (“Kubaluleke Kakhulu Ukwakha Ubudlelwane Obujwayelekile NoNkulunkulu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ekudlinzeni ngala magama kaNkulunkulu, ngaqonda: UNkulunkulu unguNkulunkulu olungile. Akakaze abe nokungalandeli mthetho ekuhlinzekeni Kwakhe umuntu, futhi akanikezi kumuntu ngaphandle kwemibandela. Ukuze abantu bathole ukukhanyiseleka kukaNkulunkulu nokukhayisa, kufanele bathulise izinhliziyo zabo ngaphambi kukaNkulunkulu futhi babe nezinhliziyo ezilangazelele nezifuna amazwi kaNkulunkulu. Bazithwalele umthwalo wabo, kufanele ngamabomu badle futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu banakekele intando Yakhe futhi bangene bajule eqinisweni. Kungokukhokha leli nani kuphela ukusebenza noNkulunkulu ukuba umuntu athole ukukhanyiselwa kukaNkulunkulu. Ukubheka emuva, ngangingathwele mthwalo futhi ngingalangazelele neze enhliziyweni yami ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi ngangithi uma ngicosha incwadi yamazwi kaNkulunkulu, ngiyiphenyaphenye bese ngibona ukuthi ngifunde le ndima ngaphinde ngafunda nale ndima, ngicabanga ukuthi nginomqondo othile nokho mayelana nazo zonke izindima. Bese ngithola endala, ngiyifundafunde, bese kube ngiqedile. Ngenkathi ngidla futhi ngifunda amazwi kaNkulunkulu, kwakwanele kimina kuphela ukuqonda incazelo esobala yamazwi, ngigxile kuphela ekugcineni imithetho embalwa nezinqubo. Angizange neze ngibone iqiniso eliningi engangilidinga ukuze ngingene kulo, noma futhi ukuba ngenelise inhliziyo kaNkulunkulu. Ngangingathwele mthwalo ngempilo yami nhlobo, futhi ngangingakhathazekile ngokuba ngingazange ngizihlomise ngokwanele ngeqiniso; kodwa ngangiphethe ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokunganaki. Nginalokhu kuziphatha okungagqize qakala ngamazwi kaNkulunkulu, ngangingathola kanjani ukukhanyiselwa nokukhanyisa Kwakhe? Ngangingasebenzi nje noNkulunkulu, futhi ngangisebenzisa “Kunesikhathi sokuba uNkulunkulu akhanyisele umuntu ngamunye” njengezaba zokulindela ngobumpumputhe ukukhanyiselwa nguNkulunkulu. Empeleni ngangingazi lutho! Kumanje kuphela lapho ngibona khona ukuthi, yize noma kukhona isikhathi sokuba uNkulunkulu akhanyisele umuntu ngamunye, lokhu kuyiqiniso ngempela, kunomgomo emva komsebenzi kaMoya oNgcwele kumuntu. Umuntu uqobo kufanele abe nokulangazelela, inhliziyo elangazelelayo ukuba isebenze nokuNkulunkulu ngokuzinikela nokukhuthala. Yilapho kuphela-ke lapho uMoya oNgcwele enamandla khona okukusebenza kumuntu amkhayisele futhi ambonise ukuqonda komuntu intando kaNkulunkulu, okumdala ukuba aqonde iqiniso emazwini Akhe.

O Nkulunkulu! Ngiyabonga ngokukhanyisela Kwakho okufike ngesikhathi esifanele okungenze ngabona ukuchezuka kwami kwesami isimo. Manje ngifisa ukubuyela emuva ekubeni nethemba kanye nasekusebenzeni Nawe, ukugcina ukulangazelela, ukufuna inhliziyo, ukuthwala umthwalo wokudla nokuphuza amazwi Akho, ukulandelela okunye ukukhanyiseleka okutholakala emazwini Akho, ukuzenza ngigxile nakakhulu eqinisweni, kanye nokuba impilo yami ikhule nakakhulu.

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Okuqukethwe Okuhlobene: Kubaluleke Kakhulu Ukulalela Umsebenzi KaMoya ONgcwele

insindiso,Iqiniso,

 

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Okholwayo bese ebhapathizwa uyakusindiswa; kodwa ongakholwa uyakulahlwa” (UMarku 16:16).

Ngoba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano esisha, elithululwa ngenxa yabaningi ngokuthethelelwa kwezono” (UMathewu 26:28).


Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21).



Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.


Kucashunwe “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono.


Kucashunwe “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Inyama yomuntu ekaSathane, igcwele isimilo esingalaleli, ingcole ngokudabukisayo, iyinto engcolile. Abantu bathanda intokozo yenyama kakhulu, kuningi kakhulu ukubonakaliswa kwenyama, ngakho uNkulunkulu wenyanya inyama ukufikela ezingeni elithile. Uma abantu beshiya ukungcola, izinto ezikhohlakele zikaSathane, bazuza insindiso kaNkulunkulu. Kodwa uma behlala bengakwazi ukuzihlukanisa nokungcola nenkohlakalo, bazoba ngaphansi kombuso kaSathane ke. Ukusitheza amehlo kwabantu, inkohliso nobukhwembe yizinto zikaSathane; ngokunisindisa, uNkulunkulu unihlukanisa nalezi zinto futhi umsebenzi kaNkulunkulu angeke ungalungi, futhi konke kulungele ukusindisa abantu ebumnyameni. Uma nike nakholwa ukufikela ezingeni elithile futhi nizihlukanise nenkohlakalo yenyama, ningasasindwa yile nkohlakalo, beningesindiswe? Uma niphila ngaphansi kombuso kaSathane anikwazi ukubonakalisa uNkulunkulu, niyinto engcolile, futhi anisoze nathola ifa likaNkulunkulu. Uma senihlanziwe napheleliswa, nizoba ngcwele, futhi nizojwayeleka, nibusiswe uNkulunkulu nithokoziswe nguNkulunkulu.


Kucashunwe “Isenzo (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Uma befisa ukusindiswa, nokuzuzwa uNkulunkulu ngokuphelele, khona-ke bonke abalandela uNkulunkulu kumele balingwe futhi bahlaselwe uSathane. Labo abamelana nalezi zilingo nokuhlaselwa bakwazi ngokuphelele ukunqoba uSathane, yilabo abasindiswe uNkulunkulu. Okusho ukuthi, labo abasindiswe uNkulunkulu yilabo abadlule ezilingweni, futhi abaye balingwa futhi bahlaselwa uSathane izikhathi eziningi. Labo abasindiswe uNkulunkulu bayayiqonda intando nezimfuneko zikaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuzithoba ebukhosini nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, futhi abayishiyi indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi ngemva kwezilingo zikaSathane. Labo abasindiswa uNkulunkulu bathembekile, banenhliziyo enhle, benza kube nomehluko phakathi kothando nenzondo, banobulungiswa futhi bahluzekile, futhi bayakwazi ukunakekela uNkulunkulu nokwazisa konke okukaNkulunkulu. Abantu abanjalo uSathane ngeke ahlale ebamangalela futhi ebahlukumeza, bakhululeke ngokuphelele, futhi bakhululwe ngokuphelele.


Kucashunwe “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Iqiniso namuhla linikwa labo abalilangazelelayo futhi abalifunayo. Le nsindiso inikwa labo abalangazelela ukusindiswa uNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kuqondwe nokuthi nawe uzuzwe nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngikhulume la mazwi kuwe, futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngala mazwi. Ekugcineni lapho usebenzisa la mazwi kuzoba yilapho sengikuzuzile ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile la mazwi, okusho ukuthi uyobe uyitholile le nsindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uyoba usungumuntu wangempela.


Kucashunwe “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Ngemva kokubona kuze kufike eqophelweni elithile, imibono yempilo yomuntu, ukubalukela kobukhona bakhe, kanye nesisekelo sokuphila kuzoguquka ngokuphelele. Lokhu kusho ukuthi uzozalwa kabusha, ube umuntu owehlukile. Akukholakali lokhu! Le yinguquko enkulu; inguquko ephendula yonke into ibheke phansi. Uzozwa ukuthi udumo, inzuzo, isikhundla, ingcebo, okukuthokozisayo, nobukhazikhazi bomhlaba akusho lutho nokuthi uyakwazi ukuhlukana nakho ngaphandle kwenkinga. Lona ngumuntu wangempela. Bonke laba abapheleliswa ngokugcwele bazoba yiqembu elinjena. Bazophilela iqiniso, baphilele uNkulunkulu, nokulunga. Umuntu unjena.


Kucashunwe ekuhlanganyeleni kukaNkulunkulu

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Okuqukethwe Okuhlobene: Umuntu Othola Insindiso Yilowo Ozimisele Ukwenza Ngokweqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo sokuphika nokwenqaba ukwamukela umsebenzi kaKristu. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi naphoqwa. Enhliziyweni yakho kuyohlale kulenga izithombe eziningi eziphakeme; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zabo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlalebephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.


kwesithi “Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Ngakho kunabantu abavame ukukhohliswa yilabo ababonakala bengokomoya, beyigugu, bebonakala benezithombe eziphakeme. Ngokwalaba bantu abangakhuluma ngezincwadi nezimfundiso, nalezo zinkulumo nezenzo ezibonakala zifanelwe ukunconywa, abantu ababancomayo abakaze bahlole umsuka wezenzo zabo, imiyalo eqhutshwa izenzo zabo, nokuthi iyini imigomo yabo. Futhi abakaze bahlole ukuthi labo bantu bamlandela ngempela yini uNkulunkulu, ukuthi bangabantu abamesaba ngempela yini uNkulunkulu futhi abakugwemayo okubi noma cha. Abakaze baqonde isiqu sobuntu balaba bantu. Kunalokho, kusukela baqala ukwazana nabo, kancane kancane, bayabatusa laba bantu, babahlonipha kakhulu laba bantu, futhi ekugcineni laba bantu baphenduka izithixo zabo. Ngaphezu kwalokho, ezingqondweni zabanye abantu, izithixo abazikhulekelayo, abakholwa ukuthi bangashiya imindeni nemisebenzi yabo, futhi bakhokhe okudingekayo—lezi zithixo yizo empeleni ezanelisa uNkulunkulu, ezingathola umphumela omuhle neziphokophele endaweni enhle. Ezinhliziyweni zazo, lezi zithixo zingabantu uNkulunkulu abatusayo. Yini ebangela ukuba abantu babe nalolu hlobo lwenkolelo?...

… Iyodwa into eyimbangela eyenza abantu babe nalezi zenzo zokunganaki, imibono yokunganaki, noma imibono nemikhuba yohlangothi olulodwa, futhi namhlanje ngizonitshela ngayo. Isizathu ukuthi nakuba abantu bengase balandele uNkulunkulu, bathandaze nsuku zonke Kuye, futhi bafunde izwi likaNkulunkulu nsuku zonke, abaziqondi empeleni intando kaNkulunkulu. Lona umnyombo wenkinga. Uma othile eqonda inhliziyo kaNkulunkulu, eqonda izinto ezithandwa uNkulunkulu, lokho uNkulunkulu akuzondayo, lokho uNkulunkulu akufunayo, lokho akwenqabayo, ukuthi uNkulunkulu uthanda nhloboni yomuntu, nhloboni yomuntu ayizondayo, nhloboni yendinganiso uNkulunkulu ayisebenzisayo ezintweni azifuna kumuntu, futhi usebenzisa yiphi indlela lapho ephelelisa umuntu, ingabe lowo muntu usengaba nemibono yakhe? Ingabe bangavele bahambe bayokhonza omunye umuntu? Ingabe umuntu ovamile angaba isithixo sabo? Uma abantu beqonda intando kaNkulunkulu, bazoba nemibono enengqondo. Ngeke bamane benze umuntu owonakalisiwe abe isithixo, noma ngesikhathi besahamba endleleni yeqiniso, bakholwe ukuthi ukunamathela emithethweni noma imiyalweni embalwa kulingana ngendlela efanayo nokwenza iqiniso.


kwesithi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe” kwethi Izwi Livela Lisenyameni


Kungaba kuhle kulabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuba bavule amehlo abo ukuba kebacabangisise ngabakholwa kukho: Ingabe nikholwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukuhlambalaza! Akekho okuphoqa ukuba ukholwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi nikholwa Kimi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezimbi eziphakathi kwenu. Labo abanikina amakhanda lapho bezwa iqiniso, abamamatheka kakhulu lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazosuswa. Ebandleni kunabantu abaningi abangenakwahlukanisa, futhi lapho kwenzeka into ekhohlisayo, bama ohlangothini lukaSathane. Lapho bebizwa ngezinceku zikaSathane bazizwa boniwe. Kuthiwa abanakwahlukanisa, kodwa bahlale besohlangothini olungenalo iqiniso. Asikho nesisodwa isikhathi esibucayi lapho beke bama ohlangothini lweqiniso, ngisho nesisodwa isikhathi abake bama ngaso balwela iqiniso, ngakho ingabe abanakho ngempela ukwahlukanisa? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane? Kungani bengasho nelilodwa izwi elifanele noma elicabangela iqiniso? Ingabe ngempela lesi simo sibangelwe ukudideka kwesikhashana? Lapho umuntu enokwahlukanisa okuncane, yilapho ekwazi kancane khona ukuma ohlangothini lweqiniso. Kuvezani lokhu? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlukanisa bathanda ububi? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlulela bayinzalo ethembekile kaSathane? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane futhi bekhuluma ulimi olufana nolwakhe? Wonke amazwi nezenzo zabo, kanye nezinkulumo zabo kukufakazela ngokwanele ukuthi abalona uhlobo oluthanda iqiniso, kodwa kunalokho, bangabantu abenyanya iqiniso. Ukuthi bangama ohlangothini lukaSathane kukufakazela ngokwanele ukuthi uSathane uyabathanda labo develi abalwa ukuphila kwabo konke ngenxa kaSathane. Ingabe wonke la maqiniso awakhanyi bha?


kwesithi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Okuqukethwe Okuhlobene: Yini iqiniso? Yini ulwazi lweBhayibheli nemfundiso?

(UGenesise 18:26) Futhi iNKOSI yathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke ngizohawukela yonke le ndawo ngenxa yabo.

(UGenesise 18:29) Waphinda futhi wakhuluma kuye, wathi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amane khona. Wayesethi, angeke ngikwenze.

(UGenesise 18:30) Wathi futhi kuye, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amathathu khona. Waye sethi, angeke ngikwenze.

(UGenesise 18:31) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amabili khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.

(UGenesise 18:32) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.

Lawa amavesi ambalwa engiwakhethe eBhayibhelini. Awaphelele. Uma nifuna ukuwabona, ningazifundela wona eBhayibhelini; ukuze ngonge isikhathi, ngikhiphe ingxenye evela emiBhalweni. Lapha ngikhethe kuphela amazwi awumgogodla nemisho, ngashiya imisho eminingi engahlobene kangako nathi namuhla. Kuwo wonke la mavesi nendaba esixoxa ngayo, umgomo wethu awubandakanyi imininingwane mayelana nalezi zindaba, nokuziphatha komuntu kuzo; kunalokho, sikhuluma kuphela ngemicabango kaNkulunkulu nemibono yangaleso sikhathi. Emicabangweni nasemibonweni kaNkulunkulu, sizobona isimo sikaNkulunkulu, futhi kukho konke uNkulunkulu akwenza, sizobona uNkulunkulu Uqobo Lwakhe—futhi kulokhu sizowufeza umgomo wethu.


UNkulunkulu Unendaba Kuphela Nalabo Abakwazi Ukulalela Amazwi Akhe Nokulandela Imiyalo Yakhe

 

Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu

 

Amazwi angenhla aqukethe into ewumgogodla: izinombolo. Okokuqala, uJehova uthe uma ethola abangamashumi amahlanu abalungile emzini, khona-ke uyoyekela indawo yonke ngenxa yabo, okusho ukuthi, wayengeke awubhubhise umuzi. Ngakho ingabe babekhona abangamashumi amahlanu abalungile eSodoma? Babengekho. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathini u-Abrahama kuNkulunkulu? Wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amane khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngiwubhubhise. Ngemva kwalokho, u-Abrahama wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amathathu khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngikwenze. Mhlawumbe abangamashumi amabili? Ngeke ngikwenze. Abayishumi? Ngeke ngikwenze lokho. Ingabe kwakunabayishumi abalungile emzini? Babengelona ishumi—kodwa wayeyedwa. Wayengubani lona oyedwa? KwakunguLoti. Ngaleso sikhathi, wayeyedwa umuntu owayelungile eSodoma, kodwa ingabe uNkulunkulu wayeqinisa kakhulu uma kuziwa kuleli nani? Cha, kwakungenjalo! Ngakho lapho umuntu elokhu ethi, “Kuthiwani ngabangamashumi amane?” “Kuthiwani ngabangamamashumi amathathu?” kuze kube yilapho ethi khona “Kuthiwani ngabayishumi?” UNkulunkulu wathi, “Ngisho noma kunabayishumi kuphela, ngeke ngiwubhubhise umuzi; ngiyowusindisa, ngithethelele abanye abantu ngaphandle kwabayishumi.” Abayishumi babeyodabukisa ngokwanele, kodwa empeleni alibanga bikho ngisho nalelo nani labantu abalungile eSodoma. Ngakho uyabona ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, isono nokukhohlakala kwabantu bendawo kwahamba kwaze kwafika ezingeni lokuthi uNkulunkulu kwakungasekho angakwenza ngaphandle kokubabhubhisa. Wayeqonde ukuthini uNkulunkulu lapho ethi ngeke awubhubhise umuzi uma kunabangamashumi amahlanu abalungile? La manani ayengabalulekile kuNkulunkulu. Okwakubalulekile ukuthi umuzi unabo yini abantu abalungile ayebafuna noma cha. Uma umuzi wawunomuntu oyedwa olungile, uNkulunkulu wayengeke avume ukuthi balimale lapho ebhubhisa umuzi. Lokhu kusho ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wayezowubhubhisa umuzi noma cha, kungakhathaliseki ukuthi kwakunabalungile abangakanani kuwo, kuNkulunkulu lo muzi owonayo wawuqalekisiwe, futhi kufanele ubhujiswe, kufanele unyamalale emehlweni kaNkulunkulu, kusale abalungile. Kungakhathaliseki ukuthi iminyaka ithini, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukusiphi isigaba sokukhula, umbono kaNkulunkulu awushintshi: Uyabuzonda ububi, unendaba nabalungile emehlweni Akhe. Lo mbono ocacile kaNkulunkulu uphinde ube isambulo sangempela sesiqu sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi kwakunomuntu oyedwa emzini, uNkulunkulu akabange esanqikaza. Umphumela waba ukuthi iSodoma lalizobhujiswa. Nibonani kulokhu? Kuleyo nkathi, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi uma kuwo kunabangamashumi amahlanu abalungile, noma kunabayishumi, okusho ukuthi uNkulunkulu wayezonquma ukubathethelela noma abe nesineke ngabantu, noma enze umsebenzi Wakhe wokuqondisa, ngenxa yabambalwa ababemkhonza. UNkulunkulu ubeke okuningi ezenzweni ezilungile zomuntu, kulabo abakwazi ukumkhonza, nakulabo abakwazi ukwenza okuhle phambi Kwakhe.

UNkulunkulu Unomusa Omkhulu Kulabo Abakhathalelayo, Futhi Unenzondo Enkulu Kulabo Abazondayo

Ekulandiseni kweBhayibheli, ingabe zazikhona izinceku zikaNkulunkulu eziyishumi eSodoma? Cha, zazingekho! Ingabe kwakufanele ukuthi umuzi uchithwe uNkulunkulu? Kwakunomuntu oyedwa kuphela emzini—uLoti—wamukela izithunywa zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho kwakunenceku kaNkulunkulu eyodwa kuphela emzini, ngakho uNkulunkulu akukho ayengakwenza ngaphandle kokusindisa uLoti futhi abhubhise umuzi waseSodoma. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kungase kubonakale kulula, kodwa kuqhakambisa into ebaluleke kakhulu: Kunemiyalo ezenzweni zikaNkulunkulu, futhi ngaphambi kokuthi enze izinqumo uzochitha isikhathi ebuka futhi ehlolisisa; singakafiki isikhathi esifanele, asikho isinqumo azosenza futhi azikho iziphetho azofinyelela kuzo. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kusibonisa ukuthi isinqumo sikaNkulunkulu sokubhubhisa iSodoma kwakungekhona ukushiyeka, ngoba uNkulunkulu wayazi ukuthi umuzi wawungenabo abalungile abangamashumi amane, noma abangamashumi amathathu, noma abangamashumi amabili. Babengekho ngisho abayishumi. Okuwukuphela komuntu olungile emuzini kwakunguLoti. Konke okwenzeka eSodoma nezimo zalo kwakubonwa nguNkulunkulu, futhi kuNkulunkulu kwakuvame njengenhlanekela yesandla Sakhe. Ngakho, isinqumo Sakhe sasingeke sibe nephutha. Ngokuphambene, uma kuqhathaniswa namandla amakhulu kaNkulunkulu, umuntu undikindiki, uyisiwula futhi akanaki, akaziboni izinto ngeso elibanzi. Yilokhu esikubona phakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu. UNkulunkulu ubelokhu ehambisa phambili isimo Sakhe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla. Ngakho, lapha sikhona isimo sikaNkulunkulu okufanele sisibone. Izinombolo zilula, futhi azivezi lutho, kodwa lapha sibonakala kakhulu isimo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabangamashumi amahlanu abalungile. Ingabe lokhu kungenxa yomusa kaNkulunkulu? Ingabe kungenxa yothando Lwakhe nokubekezela? Ingabe nake nalubona lolu hlangothi lwesimo sikaNkulunkulu? Ngisho noma kwakunabalungile abayishumi kuphela, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabayishumi abalungile. Ingabe lokhu akukhona ukubekezela nothando lukaNkulunkulu? Ngenxa yomusa kaNkulunkulu, ukubekezela, nokukhathalela abalungile, wayengeke awubhubhise umuzi. Lokhu kwakuwukubekezela kukaNkulunkulu. Ekupheleni, imuphi umphumela esiwubonayo? Lapho u-Abrahama ethi, “Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona,” uNkulunkulu wathi, “angeke ngiyibhubhise.” Ngemva kwalokho, u-Abrahama akashongo lutho—ngoba eSodoma babengekho abayishumi ayebuza ngabo, futhi kwakungekho okunye ayengakusho, futhi ngaleso sikhathi waqonda ukuthi kungani uNkulunkulu anquma ukubhubhisa iSodoma. Kulokhu, yisiphi isimo sikaNkulunkulu enisibonayo? Nhloboni yesinqumo uNkulunkulu asenza? Lokhu kusho ukuthi, uma umuzi wawungenabo abalungile abayishumi, uNkulunkulu wayengakuvumeli ukuba khona kwawo, futhi wayewubhubhisa. Ingabe lolu akulona ulaka lukaNkulunkulu? Ingabe lolu laka lumelela isimo sikaNkulunkulu? Ingabe lesi simo siyisambulo sesiqu sikaNkulunkulu esingcwele? Ingabe siyisambulo sokulunga kwesiqu sikaNkulunkulu, umuntu okungamele asithukuthelise? Eseqinisekise ukuthi abekho abayishumi abalungile eSodoma, uNkulunkulu wayezimisele ukubhubhisa umuzi, futhi wayezobajezisa kakhulu abantu abasemzini, ngoba bamelana noNkulunkulu, nokuthi babekhohlakele.

Kungani sihlaziye lezi zingxenye ngale ndlela? Kungenxa yokuthi le misho embalwa isiveza ngokugcwele isimo sikaNkulunkulu somusa omkhulu nolaka. Ngesikhathi esifanayo nokukubheka njengegugu ukulunga, ukuba nomusa kubo, ukubabekezelela, nokubanakekela, kwakunenzondo enkulu enhliziyweni kaNkulunkulu ngabo bonke abaseSodoma ababekhohlakele. Ingabe lokhu kwakungewona umusa nentukuthelo enkulu? UNkulunkulu wawubhubhisa ngayiphi indlela umuzi? Ngomlilo. Kungani awubhubhisa esebenzisa umlilo? Lapho ubona into ishiswa umlilo, noma lapho usuzoshiswa okuthile, uzizwa kanjani ngakho? Kungani ufuna ukuyishisa? Ingabe ubona ukuthi awusayidingi, ukuthi awusafuni ukuphinde uyibone? Ingabe ufuna ukuyishiya? Ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukulaxaza, nenzondo, nokuthi wayengasafisi ukubona iSodoma. Lena into eyenza uNkulunkulu waqothula iSodoma ngomlilo. Lokhu kusetshenziswa komlilo kuveza indlela uNkulunkulu ayethukuthele ngayo. Umusa nokubekezela kukaNkulunkulu kukhona ngempela, kodwa ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu lapho eveza intukuthelo Yakhe kubonisa umuntu nolunye uhlangothi lukaNkulunkulu lokuthi akacasulwa. Lapho umuntu ekwazi ngokugcwele ukulalela imiyalo kaNkulunkulu futhi enze ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, uNkulunkulu uyoba nomusa omkhulu kubantu; lapho abantu begcwele inkohlakalo, inzondo, nobutha Ngaye, uNkulunkulu uthukuthela kakhulu. Uthukuthela kakhulu kangakanani? Ulaka Lwakhe luyoqhubeka kuze kube yilapho uNkulunkulu engasaboni abantu bemphika futhi bengasekho phambi kwamehlo Akhe. Luyophela lapho kuphela ulaka lukaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, akunandaba ukuthi umuntu ungubani, uma izinhliziyo zabo ziqhelelene noNkulunkulu, futhi zimfulathele uNkulunkulu, zingabuyi, khona-ke akunandaba ukuthi imizamo nezifiso zalabo bantu kube yini, bafisa ukukhonza nokulandela nokulalela uNkulunkulu emzimbeni nasemicabangweni yabo, ngokushesha nje ngemva kokuthi izinhliziyo zabo zifulathele uNkulunkulu, ulaka lukaNkulunkulu luyophuma ngokushesha. Kuyoba njengokungathi lapho uNkulunkulu ekhipha ulaka Lwakhe olukhulu, enike umuntu amathuba amaningi, uma eselukhiphile iyobe ingasekho indlela yokulubuyisela emuva, futhi akasoze aba nomusa noma abekezelele umuntu onjalo. Lolu olunye uhlangothi lwesimo sikaNkulunkulu olungabubekezeleli ububi. Lapha, kubonakala kwamukeleka kubantu ukuthi uNkulunkulu uyobhubhisa umuzi, ngoba emehlweni kaNkulunkulu, umuzi ogcwele isono wawungeke uqhubeke ukhona, kwakubalulekile ukuthi ubhujiswe uNkulunkulu. Kodwa kulokho okwenzeka ngaphambi nangemva kokubhujiswa kweSodoma, sisibona ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu. Uyabekezela futhi unobubele ezintweni ezinomusa, nezinhle; bese kuthi ezintweni ezingcolile, ezinesono, nezikhohlakele, uthukuthela kakhulu ngezinga lokuthi akabe esakwazi ukubamba ulaka Lwakhe. Lezi izimpawu eziyinhloko nezibalulekile zesimo sikaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho, zembulwe uNkulunkulu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni: umusa omkhulu nentukuthelo enkulu. Abaningi benu lapha babone okuthile ngomusa kaNkulunkulu, kodwa bancane kakhulu kini abaphawule intukuthelo kaNkulunkulu. Umusa kaNkulunkulu nothando Lwakhe kungabonakala kuwo wonke umuntu; okusho ukuthi, uNkulunkulu ubelokhu ebonisa wonke umuntu umusa omkhulu. Kodwa akuvamile—noma kungathiwa akukaze kwenzeke—ukuthi uNkulunkulu athukuthelele kakhulu abantu abathile noma ingxenye yabantu kini namuhla. Khululekani! Kungekudala, ulaka lukaNkulunkulu luzobonakala kuwo wonke umuntu, kodwa manje akukabi isikhathi. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi lapho uNkulunkulu eqhubeka ethukuthelele othile, okusho ukuthi lapho eveza intukuthelo Yakhe kubo, lokho kusho ukuthi kusuke sekuyisikhathi angamthandi futhi amchitha ngaso lowo muntu, akakuthandi ukuba khona kwabo futhi ngeke akubekezelele; ngokushesha nje ngemva kokuveza intukuthelo Yakhe kubo, bayoshabalala. Namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu awukafinyeleli lapho. Akekho kini oyokwazi ukumelana nolaka lukaNkulunkulu. Niyabona ukuthi manje, uNkulunkulu nonke unibonisa umusa omkhulu, futhi ima nisazobona intukuthelo Yakhe. Uma kunalabo abangakaqiniseki, ningacela ukuba intukuthelo kaNkulunkulu yehlele kini, ukuze nibone ukuthi uNkulunkulu unayo noma cha intukuthelo, futhi nibone ukuthi sikhona isimo Sakhe esingenakucasulwa. Ningalokotha?

 

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Funda Okwengeziwe: Gospel Choir 17th Performance

ukulunga kukaNkulunkulu,ubungcwele bukaNkulunkulu,igunya likaNkulunkulu,unkulunkulu uthando,

 

Ziningi izinto enginethemba lokuthi nizozizuza. Nokho, izenzo zenu kanye nezimpilo zenu akuhlangabezani ngokuphelele nezidingo Zami, ngakho-ke kufanele ngiqonde ephuzwini nginichazele intando Yami. Ngenxa yokuthi ukuqonda kwenu kuphansi nokwazisa kwenu nakho kuphansi, cishe anisazi nhlobo isimo Sami kanye nobunjalo Bami, kuyinto ephuthumayo ukuthi nginazise ngalokhu. Kungakhathaleki ukuthi nina ubukuqonda kangakanani lokhu ngaphambilini noma ukuthi uzimisele ukuzama ukuqonda lezi zinto, kusamele nginichazele ngazo kabanzi. Lezi zindaba aziyona into eningayazi, kepha nibukeka ningakuqondi noma ningawejwayele umqondo eziwuqukethe. Abaningi kinina banokuqonda okulufifi, futhi ngaphezu kwalokho kuyingxenye futhi akugcwele. Ukunisiza ukuze nikwazi ukwenza iqiniso kangcono, okusho ukuthi, ukwenza amazwi ami asebenze, ngicabanga ukuthi yilezi zindaba okufanele ukuthi niqale nizazi. Kungenjalo, ukholo lwenu luyohlala lumfiliba, lunokuzenzisa, futhi lugcwele imihlobiso yezenkolo. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, ngeke neze ukwazi ukwenza umsebenzi okufanele umenzele wona. Uma ungabazi ubunjalo bukaNkulunkulu, ngeke kwenzeke ukuthi umkhombise inhlonipho nokumesaba, kunalokho uyomkhombisa ukukha phezulu okungenakulalela nokukhohlisa okungenangqondo, ngaphezu kwalokho nibe nokuhlambalaza okungenakulungiseka. Nakuba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu impela kubalulekile, nokwazi ubunjalo bukaNkulunkulu kungeke kubukelwe phansi, akekho oseke wakuxilonga lokhu futhi wangena wajula kulezi zindaba. Kusobala ukuthi nonke niyishaye indiva imiyalo yokuziphatha enganinika yona. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, kulula ukuthi usone kalula nje isimo Sakhe. Ukona okufuze lokhu kufana ncamashí nokucasula uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi umphumela wasekugcineni wokwenza kwakho uba ukuphikisana nezinqumo zokuziphatha. Manje kumele ubone ukuthi ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kuhambisana nokuqonda izinqumo zokuphatha. Ngokuqinisekile, izinqumo eziningi zokuphatha zithinta isimo sikaNkulunkulu, kodwa isimo Sakhe asiveziwe sonke phakathi kuzo. Yikho udinga ukuthatha elinye inyathelo ukukhulisa ukuqonda kwakho isimo sikaNkulunkulu.

Namhlanje angikhulumi nani inkulumo ejwayelekile, ngakho kumele amazwi Ami niwathathe ngokuqaphela, futhi ngaphezu kwalokho, nizindle ngokujulile ngawo. Engikuqondile ngalokhu ukuthi kuncane kakhulu ukunaka enikinikeze amazwi engiwakhulumile. Uma kuziwa esimweni sikaNkulunkulu nina anizimisele ngisho nokuzindla ngokuzimisela ngaso, futhi kumbalwa kakhulu ukuzama kwabantu ukukwenza. Ngalesi sizathu ngithi ukholo lwenu luyindlela ephakeme nje yokukhuluma. Namanje, akukho ngisho noyedwa kinina onikele ngomzamo oqatha wokubhekana nobuthaka benu obukhulu. Ningenzele phansi phezu kokukhathazeka okungaka enginithwalele khona. Akumangazi ukuthi aninandaba noNkulunkulu futhi niphila izimpilo ezingenalo iqiniso. Kungenzeka kanjani-ke ukuthi abantu abanje babizwe ngokuthi bangabangcwele? Umthetho wezulu ngeke uze uyibekezelele into enje! Ngenxa yokuthi ninokuqonda okuncane kangaka ngalokhu, akukho engingakwenza ngaphandle kokusebenzisa umoya omningi.

Isimo sikaNkulunkulu siyindaba engaqondakali kakhulu kuwo wonke umuntu, futhi ngaphezu kwalokho kuyinto engelula kunoma ngubani ukuyemukela, ngoba isimo sikaNkulunkulu asifani nobuntu bomuntu. UNkulunkulu, naye, unemizwa yakhe yenjabulo, intukuthelo, usizi nentokozo, kodwa le mizwa iyehluka kweyomuntu. UNkulunkulu uyilokhu ayikho futhi unalokhu anakho. Konke akuvezayo nakwembulayo kumela ubunjalo bakhe nomfanekiso wakhe. Lokho ayikho nalokho anakho, kanye nobunjalo nomfanekiso Wakhe, yizinto ezingeke zivalelwe isikhala ngumuntu. Isimo Sakhe sihlanganisa uthando Lwakhe ngesintu, induduzo ngesintu, inzondo ngabantu, futhi ikakhulu, ukusiqonda ngokuphelele isintu. Isimo somuntu, nokho, singase sinikeze ithemba, sigcwale impilo, noma singabi namuzwa. Isimo sikaNkulunkulu singesoMbusi wazo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, eseNkosi yayo yonke indalo. Isimo Sakhe simela ukuhlonipheka amandla, ukuphakama, ubukhulu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuba phezulu. Isimo Sakhe siwuphawu lwegunya, uphawu lwakho konke okulungile nokuhle. Ngaphezu kwalokho, siwuphawu Lwakhe ongeke[a] acindezelwe noma ahlaselwe ubumnyama kanye nanoma imaphi amandla ezitha, futhi siwuphawu Lwakhe ongasoze oniwe (futhi ongeke akumele ukoniwa)[b] yinoma yini edaliwe. Isimo Sakhe siwuphawu lwamandla aphakeme kakhulu. Akukho muntu noma abantu abangakwazi noma abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe. Kodwa ubuntu bomuntu abuyilutho olwedlula uphawu nje lobukhudlwana bomuntu kunesilwane. Umuntu kuye nangokwakhe akanalo igunya, ukuzilawula nokwazi ukweqa imingcele yobuntu, kodwa engqikithini yakhe uyilowo oqhaqhazela emseni walo lonke uhlobo lwabantu, izehlakalo nezinto. Injabulo kaNkulunkulu ibangelwa ubukhona nokuvela kokukulunga nokukhanya; ngenxa yokushabalaliswa kobumnyama nobubi. Ujabuliswa ukuthi ulethe ukukhanya nokuphila okumnandi kubantu; injabulo Yakhe yinjabulo elungile, iwuphawu lokuba khona kwakho konke okuhle futhi, okubaluleke kakhulu, iwuphawu lwentokozo. Intukuthelo kaNkulunkulu ibangelwa ukuba khona kokungalungi nokuphazamisa okukudalayo okulimaza isintu Sakhe; ngenxa yokuba khona kobubi nobumnyama, ukuba khona kwezinto ezihlanekezela iqiniso, ngisho nokuba khona kwezinto ezimelana nezinto ezilungile nezinhle. Intukuthelo Yakhe iwuphawu lokuthi azisekho izinto ezimbi, futhi iwuphawu lobungcwele Bakhe. Ukudabuka Kwakhe kubangelwa isintu, anethemba ngaso kodwa esiwele ebumnyameni, ngoba umsebenzi awenza kumuntu awufinyeleli kulokho akulindele, nangenxa yokuthi isintu asithandayo asikwazi sonke ukuphila ekukhanyeni. Uyadabuka ngesintu esingenacala, ngomuntu othembekile kodwa ongazi lutho, nangomuntu olungileyo kodwa ontulayo emibonweni yakhe. Ukudabuka Kwakhe kuwuphawu lokulunga nomusa Wakhe, uphawu lobuhle nobumnene. Injabulo Yakhe, ngokusobala, isuka ekunqobeni izitha Zakhe, nokuthola ukholo lwabantua. Ngaphezu kwalokho, ibangelwa ukuxoshwa nokubhujiswa kwazo zonke izitha bese isintu sithola ukuphila okumnandi nokunokuthula. Injabulo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu; kunalokho iwumuzwa wokwamukela izithelo ezinhle, okuwumuzwa ongaphezu kwenjabulo. Injabulo Yakhe iwuphawu lwesintu sikhululeka ekuhluphekeni kusuka manje kuya phambili nophawu lokungena ezweni lokukhanya. Imizwa yesintu, ngakolunye uhlangothi, yonke ikhona ngenxa yokuthandwa nguye, hhayi ngenxa yokulunga, ukukhanya, noma ngenxa yokuhle, ingasaphathwa eyawo wonke umusa onikezwe yiZulu. Imizwa yesintu inobugovu futhi eyasezweni lobumnyama. Ayikho ngenxa yentando kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyohlelo lukaNkulunkulu, ngakho umuntu noNkulunkulu akunakwenzeka kukhulunywe ngabo ngesikathi esisodwa. UNkulunkulu unamandla mkhulu futhi uhloniphekile kuze kube phakade, kanti umuntu eyohlale ephansi, engenamsebenzi. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uhlale enza imihlatshelo ezinikela esintwini; umuntu, nokho, uhlale ezithathela futhi ezizamela yena kuphela. UNkulunkulu uhlale ehluphekela ukuphila kwesintu, kodwa abantu abanikeli lutho ngenxa yokukhanya noma ukulunga. Ngisho noma umuntu esebenza okwesikhashana, akwenzayo kubuthaka ngendlela yokuthi ngeke kumele ngisho igalelo elilodwa, ngoba umsebenzi womuntu uhlale ungowokuzuzisa yena hhayi abanye. Umuntu uhlale enobugovu, lapho uNkulunkulu ehlale ezidela. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke okunobulungiswa, okulungile, nokuhle, kodwa umuntu yilowo ophumelela ekwenzeni futhi oveza bonke ububi nokukhohlakala. UNkulunkulu akasoze aguquka ubunjalo bakhe bokulunga nobuhle, kodwa umuntu ukwazi ngokuphelele, noma nini, nakusiphi isimo ukumelana nokulunga nokwedukela kude noNkulunkulu.

Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona. Ubunjalo bukaNkulunkulu bunzima kakhulu ukuqondakala, kodwa ngiyethemba ukuthi okungenani nonke ninalo ulwazana maqondana nesimo sikaNkulunkulu. Ngethemba ukuthi-ke, nizokwazi ukungibonisa futhi nenze okuningi okungaphambani nesimo sikaNkulunkulu. Lapho-ke ngiyoba nokwethemba. Isibonelo nje, gcina uNkulunkulu esenhliziyweni yakho ngazo zonke izikhathi. Uma kukhona okwenzayo, yenza okuhambisana nezwi Lakhe. Funa izinhloso Zakhe kuzona zonke izinto, futhi ugweme ukwenza lokho okungahloniphi nokwedelela uNkulunkulu. Ungalingi nakancane ukubeka uNkulunkulu emsamo wengqondo yakho ukugcwalisa isikhala senkathi ezayo enhliziyweni yakho. Uma wenza lokhu, uyobe wone isimo sikaNkulunkulu. Futhi, uma ungalokothi ukhulume amazwi noma ukukhononda okuhlambalaza uNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakho, futhi, uma ukwazi ukwenza kahle konke akubeke kuwe futhi uzithoba kuwo wonke amazwi Akhe kuyo yonke impilo yakho, khona-ke uyobe usukugwemile ukwephula izinqumo zokuphatha. Ngokwesibonelo, uma sewake wathi “Kungani ngingacabangi ukuthi unguNkulunkulu?” “Ngicabanga ukuthi la mazwi awulutho nje olungaphezu kokuthi awukukhanyisa kukaMoya oNgcwele,” “Ngokubona kwami akuyona yonke into eyenziwa uNkulunkulu enhle,” “Ubuntu bukaNkulunkulu abukho ngaphezu kobami,” “Amazwi kaNkulunkulu awakholakali nje,” noma amanye amazwi anje okwahlulela, ngakho ngiyanincenga ukuba nivume futhi niphenduke ezonweni kaningi. Ngale kwalokho, ngeke ube nethuba lokuxolelwa, ngoba awoni kuphela kumuntu, kodwa kuNkulunkulu uqobo. Ungakholwa ukuthi wahlulela umuntu, kodwa uMoya kaNkulunkulu wona awuboni ngaleyo ndlela. Ukungayihloniphi kwakho inyama Yakhe kulingana nokungahloniphi Yena. Uma-ke kunjalo, ingabe awusonanga yini isimo sikaNkulunkulu? Kufanele ukhumbule ukuthi konke okwenziwa wuMoya kaNkulunkulu wukuvikela umsebenzi Wakhe enyameni kanye nokuthi lo msebenzi wenziwe kahle. Uma ukushaya indiva lokhu, ngithi kuwe ungumuntu ongasoze aphumelela ekukholweni kuNkulunkulu. Ngokuba uhlokoze ulaka lukaNkulunkulu, ngakho uyosebenzisa isijeziso esifanele ukukufundisa isifundo.

Ukufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu akusiyona indaba encane. Kufanele nakanjani uqonde isimo Sakhe. Ngale ndlela-ke, uyoya ngokuya futhi unganakile, ufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Uma usungenile kulolu lwazi, uyozithola unyathela uya phambili uyongena esimweni esiphezudlwana futhi esihle kakhudlwana. Ekugcineni, uyozizwa unamahloni ngomoya wakho omubi, ngendlela yokuthi uyoze uzwe ukuthi akukho ndawo ongazifihla kuyo. Ngaleso sikhathi, kuyoncipha kancane kancane ekuziphatheni kwakho okungase kone isimo sikaNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya ngokuya isondelana nekaNkulunkulu, bese kuya ngokuya kwanda uthando Lwakhe enhliziyweni yakho. Lokhu kuwuphawu lokungena kwesintu esimweni esihle. Kodwa okwamanje anikafiki kulesi simo. Ngenkathi niphithizela nehla nenyuka nifuna lapho niya khona, ubani lapha kini ongacabanga ngokuzama ukuthola ubunjalo bukaNkulunkulu? Uma lokhu kuqhubeka, niyobe, ngokungazi, niphambana nezinqumo zokuphatha ngoba niqonda okuncane kakhulu ngesimo sikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ingabe lokhu enikwenzayo njengamanje akusikhona ukubeka isisekelo sokona kwenu ngokuphambene nesimo sikaNkulunkulu? Lokhu ngikubuzela ukuthi nikwazi ukuqonda ukuthi isimo sikaNkulunkulu asiphambene nomsebenzi Wami. Ngoba uma nizephula kaningi izinqumo zokuphatha, ubani phakathi kwenu oyophunyuka ekujezisweni na? Ingabe lokho ngeke kusho yini ukuthi umsebenzi Wami ubuyize leze? Ngakho-ke, namanje ngisaninxusa ukuthi ngaphezulu kokucubungula ukuziphatha kwenu, niqaphele izinyathelo enizithathayo. Lesi yisicelo esikhulu kakhulu engisenza kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizosicabanga ngokucophelela futhi nisithathe ngokuzimisela. Uma kwenzeka kufika usuku lapho khona ukwenza kwenu kungithukuthelisa kakhulu, umuntu ngayedwa kuyofuneka acabange ngemiphumela, futhi ngeke kube khona omunye oyothwala isijeziso esikhundleni senu.

Imibhalo yaphansi:


a. Umbhalo wokuqala ufundeka ngokuthi “kuwuphawu lokungakwazi ukuba.”


b. Umbhalo wokuqala walapha ufundeka ngokuthi “ukungakwazi ukuba (yebo nakanjani, ukungavunyelwa ukuba ube wenze njalo).”

 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 

Okuqukethwe Okuhlobene: Face to Face With God | Praise and Worship "Gospel Choir 17th Performance"